Mikayeli Bheka futhi isihloko esithi Adamu; INgelosi eNkulu Yigama u-Adamu ayaziwa ngalo empilweni eyandulela eyasemhlabeni. Ubizwa ngokuthi yiNgelosi eNkulu. NgesiHeberu leligama lisho ukuthi “Ofana noNkulunkulu.” UMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukuzosiza uDaniyeli, Dan. 10:13, 21 (Mf&V 78:16). Ezinsukwini zokugcina uMikayeli uyoma, isikhulu esigqamileyo, Dan. 12:1. UMikayeli ingelosi enkulu walwa nodeveli, Juda 1:9. UMikayeli kanye nezingelosi zakhe balwa nodrako, IsAmb. 12:7 (Dan. 7). UMikayeli ngu-Adamu, Mf&V 27:11 (Mf&V 107:53–57; 128:21). UMikayeli, ingelosi enkulu yeNkosi, uyoshaya icilongo lakhe, Mf&V 29:26. UMikayeli uzoqoqa amabutho akhe futhi alwe noSathane, Mf&V 88:112–115. Izwi likaMikayeli lezwakala ebona udeveli, Mf&V 128:20.