Iqiniso Bheka futhi isihloko esithi Imisuka, Umsuka; Ukukhanya, Ukukhanya kukaKristu; Ulwazi Wulwazi lwezinto njengoba zinjalo, futhi njengoba zazinjalo, futhi njengoba zizoza (Mf&V 93:24). Iqiniso futhi libhekise ekukhanyeni kanye nasesambulweni esivela ezulwini. Iqiniso liyohluma emhlabeni, AmaH. 85:11 (Mose 7:62). Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonenza nikhululeke, Joh. 8:32. Ngiyindlela, iqiniso, kanye nokuphila, Joh. 14:6. Uma sithi asinasono, iqiniso kalikho kithi, â… Â Joh. 1:8. Abanecala bathatha iqiniso ngokuthi linzima, 1 Nefi 16:2. Abalungileyo bayalithanda iqiniso, 2 Nefi 9:40. UMoya ukhuluma iqiniso futhi awuqambi amanga, Jakobe 4:13. UnguNkulunkulu weqiniso futhi awunakuqamba amanga, Etere 3:12. Ngamandla oMoya oNgcwele ningalazi iqiniso lazo zonke izinto, Moro. 10:5. Iqiniso lihlala phakade naphakade, Mf&V 1:39. Ukhanyiselwe uMoya weqiniso, Mf&V 6:15. INcwadi kaMormoni iqukethe iqiniso kanye nezwi likaNkulunkulu, Mf&V 19:26. UmDuduzi wathunyelwa ukufundisa iqiniso, Mf&V 50:14. Lowo owemukela izwi ngoMoya weqiniso ulemukela njengoba lishunyayelwa ngoMoya weqiniso, Mf&V 50:17–22. Shumayelani iqiniso ngokwezambulo engininike zona, Mf&V 75:3–4. Noma yini eyiqiniso ingukukhanya, Mf&V 84:45. Ukukhanya kukaKristu ngukukhanya kweqiniso, Mf&V 88:6–7, 40. UMoya wami yiqiniso, Mf&V 88:66. Ukuqonda, noma ukukhanya kweqiniso, akudalwanga, Mf&V 93:29. Inkazimulo kaNkulunkulu ingukuqonda, noma ukukhanya neqiniso, Mf&V 93:36. Nginiyalile ukuba nikhulise abantwana benu ekukhanyeni naseqinisweni, Mf&V 93:40. OZelwe Yedwa wami ugcwele umusa neqiniso, Mose 1:6.