Njengokusetshenziswa emibhalweni engcwele, ngokujwayelekile kusho isivumelwano noma isethembiso esingcwele. Kodwa, abantu abakhohlakeleyo, kuhlanganisa uSathane kanye nezingelosi zakhe, nabo benza izifungo ukuze bafeze izinhloso zabo ezimbi. Ezikhathini zeTestamente eliDala, izifungo zazamukelekile; kodwa, uJesu Kristu wafundisa ukuthi abantu mabangafungi egameni likaNkulunkulu noma lendalo Yakhe (Math. 5:33–37).