Ogcotshiweyo Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu; Mesiya UJesu ubizwa ngokuthi ngu Kristu (igama lesiGriki) noma ngu Mesiya (igama lesi-Aramu). Womabili lamagama asho ukuthi “ogcotshiweyo.” Nguye ogcotshwe nguBaba ukuba amele Yena ezintweni zonke eziphathelene nokusindiswa kwabantu. INkosi ingigcobile, Isaya 61:1–3. Ugcobe othile ukuba ashumayele ivangeli, Luka 4:16–22. UJesu wagcotshwa nguNkulunkulu uBaba, IzE. 4:27. UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha, IzE. 10:38.