Umbuso waseRoma
Ngumbuso waseRoma yasemandulo. Ngesikhathi sabaphostoli, umBuso waseRoma kwakuyiwona mandla amakhulu omhlaba. Wawuhlanganisa konke okwakuphakathi kwe-Ewufrathe, iDanube, iRine, i-Atlantiki, kanye nogwadule lwaseSahara. IFilistiya yaba yizwe elalithola usizo ngonyaka wama 63 ngaphambi kukaKristu, ngesikhathi uPompewu ethatha iJerusalema. Nakuba amaRoma anika abaJuda amalungelo amaningi, abaJuda babekuzonda ukubuswa ngamaRoma futhi babehlala njalo bewavukela.
UPawulu, isakhamuzi saseRoma, wayesebenzisa isiGriki, okwakuwulimi olwalusetshenziswa kakhulu kulombuso, ukwandisa ivangeli embusweni wonke.