Mariya, unina kaJesu Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu; Josefa, umyeni kaMariya ETestamenteni eliSha, yintombi emsulwa eyakhethwa nguNkulunkulu uBaba ukuba ibe ngunina weNdodana Yakhe enyameni. Emuva kokuzalwa kukaJesu, uMariya waba nabanye abantwana (Marku 6:3). Wayemiselwe uJosefa, Math. 1:18 (Luka 1:27). UJosefa watshelwa ukuthi angamlahli uMariya noma amkhulule ekumiselweni, Math. 1:18–25. Amadoda ahlakaniphileyo amhambela uMariya, Math. 2:11. UMariya kanye noJosefa babaleka nomntwana uJesu baya eGibithe, Math. 2:13–14. Emuva kokufa kukaHerode, umndeni wabuyela eNazaretha, Math. 2:19–23. Ingelosi uGabriyeli yamhambela, Luka 1:26–38. Wahambela u-Elisabethe, isihlobo sakhe, Luka 1:36, 40–45. UMariya wenza ihubo lokuyidumisa iNkosi, Luka 1:46–55. UMariya waya eBetlehema kanye noJosefa, Luka 2:4–5. UMariya wazala uJesu futhi wamlalisa emkhombeni, Luka 2:7. Abelusi baya eBetlehema ukuyohambela uKristu umntwana, Luka 2:16–20. UMariya kanye noJosefa bathatha uJesu bamyisa ethempelini eJerusalema, Luka 2:21–38. UMariya kanye noJosefa bathatha uJesu bamusa ePhasikeni, Luka 2:41–52. UMariya wayesemshadweni eKhana, Joh. 2:2–5. UmSindisi, ngesikhathi esesiphambanweni, wacela uJohane ukuba anakekele unina, Joh. 19:25–27. UMariya wayekanye nabaPhostoli emuva kokuba uKristu esenyuselwe ezulwini, IzE. 1:14. UMariya wayeyintombi emsulwa, eyayiyinhle futhi imhlophe ngaphezu kwazo zonke izintombi, 1 Nefi 11:13–20. Unina kaKristu wayezobizwa ngokuthi nguMariya, Mosiya 3:8. UMariya wayezoba yintombi emsulwa, isitsha esiyigugu futhi esikhethiweyo, Alima 7:10.