Okufanele kwenziwe Bheka futhi isihloko esithi Othobelayo, Thobela, Ukuthobela Emibhalweni engcwele, wumsebenzi onikiweyo, wukwabela, noma yisibopho, ngokuvamile esinikwa yiNkosi noma yizinceku Zayo. Gcinano imiyalelo yakhe: ngokuba lona yiwo wonke umsebenzi wabantu, Shum. 12:13. Ifunani iNkosi kuwe, ngaphandle kokwenza ukulunga, Mika 6:8. Kufanele silalele uNkulunkulu kunabantu, IzE. 5:29. Bashaywa ngezinhlupho ukubaphehla ukuba bakhumbule okwakufanele bakwenze, Mosiya 1:17. Imisebenzi yamagosa, abaphristi, abafundisi, kanye namadikoni iyachazwa, Mf&V 20:38–67. Abanobuphristi kufanele benze yonke imisebenzi yomndeni, Mf&V 20:47, 51. Imisebenzi yamalungu emva kokubhabhadiswa iyachazwa, Mf&V 20:68–69. Amagosa ami kufanele alinde isikhashana ukuze abantu bami bazi kakhudlwana ngokuphathelene nomsebenzi wabo, Mf&V 105:9–10. Wonke amadoda mawafunde umsebenzi wawo, Mf&V 107:99–100.