Amasu Okufunda
Juda


Juda

ETestamenteni eliDala, yindodana yesine kaJakobe kanye noLeya (Gen. 29:35; 37:26–27; 43:3, 8; 44:16; 49:8). UJakobe wabusisa uJuda ngokuthi wayeyoba ngumholi wokuzalwa phakathi kwamadodana kaJakobe nokuthi uShilo (uJesu Kristu) wayeyoba wuzalo lwakhe (Gen. 49:10).

Isizwana sikaJuda

Isizwana sikaJuda sahola emuva kokwakha eKhanani. Imbangi yaso enkulu kwakuyisizwana sika-Efrayimi. UMose wasibusisa isizwana sikaJuda (Dut. 33:7). Emuva kokubusa kukaSolomoni, isizwana sikaJuda saba ngumbuso wakwaJuda.

Umbuso wakwaJuda

Ngesikhathi sokubusa kukaRehobowamu ubukhosi bukaSolomoni bahlukaniswa baba yimibuso emibili, kakhulukazi ngenxa yomona phakathi kwezizwana zika-Efrayimi kanye noJuda. Umbuso waseningizimu, noma umbuso wakwaJuda, wawuhlanganisa isizwana sikaJuda kanye nenxenye enkulu kaBenjamini. IJerusalema kwayikomkhulu lakhona. Ikakhulukazi kwakukhonzwa uJehova ngokuthembeka lapho kunasembusweni owawusenyakatho. UJuda wayengekho engozini yohlaselo olwalusuka enyakatho kanye nasempumalanga, futhi amandla onke amakhulu aba sezandleni zomndeni kaDavide kwaze kwaba wukuthunjwa kwaseBabiloni. Umbuso kaJuda wakwazi ukubakhona iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nanhlanu emuva kokuwa kombuso wakwa-Israyeli owawunamandla futhi unabantu abaningi.

Induku kaJuda

Lokhu kukhomba iBhayibheli njengombhalo wendlu kaJuda (Hez. 37:15–19). Ezinsukwini zokugcina, uma amagatsha ehlukene endlu ka-Israyeli eseqoqwa, imibhalo yabo engcwele futhi nayo izoqoqwa ndawonye. Lemibhalo yemibhalo engcwele iyahambisana futhi yenza ubufakazi obuhlangene bokuthi uJesu unguKristu, uNkulunkulu ka-Israyeli futhi noNkulunkulu womhlaba wonke (HJS, Gen. 50:24–36 [Isithasiselo]; 2 Nefi 3; 29).

Shicilela