Umbango Bheka futhi isihloko esithi Ukuvukela Yingxabano, yimpikiswano, futhi nemibango. Umbango, ikakhulu phakathi kwamalungu eBandla leNkosi noma phakathi kwamalungu omndeni, awuyijabulisi iNkosi. Makungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe, Gen. 13:8. Ukuzikhukhumeza kubanga umbango, IzA. 13:10. Uma kukhona onombango nomunye, thethelelanani njengoba noKristu anithethelela, Kol. 3:13. Gwema imibuzo yobuwula kanye nombango, Thithu 3:9. INkosi iyala abantu ukuba bangabangi omunye nomunye, 2 Nefi 26:32. Aniyukuvumela abantwana benu ukuba balwe futhi babange omunye nomunye, Mosiya 4:14. Alima wayala ukuba kungabi nambango phakathi kwamalungu eBandla, Mosiya 18:21. USathane usabalalisa amahemuhemu kanye nemibango, Hel. 16:22. Udeveli ngubaba wemibango futhi uphehla abantu ukuba babange omunye nomunye, 3 Nefi 11:29 (Mosiya 23:15). Misa ivangeli lami, ukuze ingabi bikho imibango eminingi, Mf&V 10:62–64. Phezani ukubanga omunye nomunye, Mf&V 136:23.