Ithemba Bheka futhi isihloko esithi Ukholo Wukulindela ngeqholo futhi nangokulangazelela izibusiso ezithenjisiwe zokulunga. Imibhalo engcwele ivame ukukhuluma ngethemba njengokulindela ukuphila okuphakade ngokholo kuJesu Kristu. Ubusisiwe umuntu othemba eNkosini, Jer. 17:7. INkosi izoba yithemba labantu bayo, Joweli 3:16. Sinethemba ngokubekezela nangemibhalo engcwele, Roma 15:4. UNkulunkulu usizele ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaKristu, â… Â Petru 1:3. Bonke abanalo lelithemba bayazihlambulula, â… Â Joh. 3:2–3. Kufanele niqhubekele phambili, ninethemba elimsulwa elipheleleyo, 2 Nefi 31:20. Bonani ukuthi ninokholo, ithemba, kanye nesihe, Alima 7:24 (â… Â Kor. 13:13; Moro. 10:20). Ngifisa ukuthi niwalalele amazwi ami, ninokholo lokuthi niyothola ukuphila okuphakade, Alima 13:27–29. Uma unokholo, unethemba lezinto ezingabonakaliyo, eziyiqiniso, Alima 32:21 (Heb. 11:1). Ithemba livela ngokholo futhi lenza abantu bagxile, Etere 12:4 (Heb. 6:17–19). Umuntu kufanele ethembe noma akanakulithola ifa, Etere 12:32. UMormoni wakhuluma ngokuphathelene nokholo, ithemba, kanye nesihe, Moro. 7:1. Niyoba nethemba ngenhlawulo kaKristu ukuthi nivuselwe ekuphileni okuphakade, Moro. 7:40–43. UMoya oNgcwele ukugcwalisa ngethemba, Moro. 8:26 (Roma 15:13). Babefe, beqinile ethembeni lovuko oluhle lakhulu, Mf&V 138:14.