Amaqembu ayimfihlo Bheka futhi isihloko esithi Abaphangi baGadiyantoni; Kayini Yinhlangano yabantu eboshwe ndawonye yizifungo zokwenza izinhloso ezimbi zalelo qembu. Ubaba wamanga uphehlela abantwana babantu emaqenjini ayimfihlo, 2 Nefi 9:9. Kufanele ngibhubhise imisebenzi eyimfihlo yobumnyama, 2 Nefi 10:15. Izahlulelo zikaNkulunkulu zeza kulaba basebenzi bamaqembu ayimfihlo, Alima 37:30. UGadiyantoni wakukhombisa cishe konke ukubhujiswa kwabantu baNefi, Hel. 2:4–13. USathane ukufaka ezinhliziyweni zabantu ukuba benze izifungo nezivumelwano eziyimfihlo, Hel. 6:21–31. INkosi ayisebenzi ngamaqembu ayimfihlo, Etere 8:19. Izizwe ezivumela amaqembu ayimfihlo ziyobhujiswa, Etere 8:22–23. Bawenqaba wonke amazwi abaphrofethi, ngenxa yenhlangano yabo eyimfihlo, Etere 11:22. Kusuka ngezinsuku zikaKayini, kwakunozungu, Mose 5:51.