Amasu Okufunda
Isipho sikaMoya oNgcwele


Isipho sikaMoya oNgcwele

Kuyilungelo lawo wonke amalungu eBandla abhabhadisiwe afanelwe ukuba njalo abe namandla oMoya oNgcwele. Emuva kokubhabhadiswa komuntu eBandleni leqiniso likaJesu Kristu, wemukela isipho sikaMoya oNgcwele ngokubekwa izandla yilowo onegunya elifanele (IzE. 8:12–25; Moro. 2; Mf&V 39:23). Ukwemukela isipho sikaMoya oNgcwele kuvame ukuba kuthiwe wukubhabhadiswa ngomlilo (Math. 3:11; Mf&V 19:31).