Inhliziyo Bheka futhi isihloko esithi Inhliziyo edabukileyo; Zelwe kabusha, Zelwe nguNkulunkulu Wuphawu lomqondo kanye nentando yomuntu futhi ngokulinganisa yilapho kusuka khona yonke imizwelo kanye nemizwa. Thanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke, Dut. 6:5 (Dut. 6:3–7; Math. 22:37; Luka 10:27; Mf&V 59:5). INkosi yafuna umuntu ngokwenhliziyo yakhe, â… Â Sam. 13:14. Umuntu ubheka okubonakalayo ngaphandle, kodwa iNkosi ibheka inhliziyo, â… Â Sam. 16:7. Lowo onezandla ezihlanzekileyo kanye nenhliziyo emsulwa uzokhuphukela entabeni yeNkosi futhi abusiswe, AmaH. 24:3–5 (2 Nefi 25:16). Njengoba umuntu ecabanga enhliziyweni yakhe, unjalo, IzA. 23:7. U-Eliya uzophendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise, Mal. 4:5–6 (Luka 1:17; Mf&V 2:2; 110:14–15; 138:47; JS—uMl. 1:38–39). Babusisiwe abamsulwa ezinhliziyweni, Math. 5:8 (3 Nefi 12:8). Umuntu ukhuluma kusuka kokuhle noma kokubi okusenhliziyweni yakhe, Luka 6:45. Landelani iNdodana ngenhloso yonke yenhliziyo, 2 Nefi 31:13. Ngabe senizelwe ngokukaNkulunkulu ngokomoya futhi nezwa ushintsho olukhulu ezinhliziyweni zenu, Alima 5:14. Lethani eNkosini umnikelo wenhliziyo edabukileyo kanye nomoya ophukileyo, 3 Nefi 9:20 (3 Nefi 12:19; Etere 4:15; Moro. 6:2). Ngiyokutshela engqondweni nasenhliziyweni yakho, ngoMoya oNgcwele, Mf&V 8:2.