Jerusalema
Wumuzi otholakala kwa-Israyeli wamanje. Yiwona muzi obaluleke kakhulu emlandweni weBhayibheli. Ezinye zezindawo ezingcwele kakhulu zamaKristu, zabaJuda, kanye nezamaSulumane zikulomuzi futhi zihanjelwa njalo ngamakholwa amaningi athembekileyo. Kuvamise ukuba kuthiwe ngumuzi ongcwele uma kubhekiswe kuwo.
Wake waziwa ngokuthi iSalema (Gen. 14:18; AmaH. 76:2), iJerusalema yake yaba ngumuzi iJebusi kwaze kwafika lapho ithunjwa khona nguDavide (Josh. 10:1; 15:8; Ⅱ Sam. 5:6–7), owabe eseyenza ikomkhulu lakhe. Kuze kufike lapho yayikade isebenza njengenqaba yentaba, eyayime amamitha angamakhulu ayisishiyagalombili ngaphezu kweleveli yolwandle. Izungezwe yizigodi ezijulile nhlangothi zonke ngaphandle kwasenyakatho.
Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uDavide eJerusalema, wayehlala endlini yobukhosi eyayakhiwe ngezingodo. Kodwa, ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni, abantu benza okuningi ukwenza umuzi ukuba ube muhle, kuhlanganisa nokwakha indlu yobukhosi yenkosi kanye nethempeli.
Emuva kokuhlukana kwemibuso yakwa-Israyeli neyakwaJuda, iJerusalema yasala yaba yikomkhulu lakwaJuda. Yayihlala njalo ihlaselwa ngamabutho ayengena ngempi (â… Â AmaKh. 14:25; â…¡Â AmaKh. 14:13; 16:5; 18–19; 24:10; 25). Ngaphansi kokubuswa nguHezekiya, iJerusalema yaba yisizinda sokukhonza kwenkolo kodwa yadilizwa nganhlanye ngonyaka wamakhulu amathathu namashumi amabili ngaphambi kukaKristu, nangonyaka wekhulu namashumi ayisithupha nesishiyagalombili ngaphambi kukaKristu, kanye nangonyaka wamashumi ayisithupha nanhlanu ngaphambi kukaKristu. UHerode wazakha kabusha izindonga kanye nethempeli, kodwa ngonyaka wamashumi ayisikhombisa ngemuva kukaKristu ladilizwa lonke ngamaRoma.