Isipho sokwahlukanisa Bheka futhi isihloko esithi Izipho zikaMoya Wukuqonda noma wukwazi into ngamadla oMoya. Isipho sokwahlukanisa ngesinye sezipho zoMoya. Sihlanganisa ukuqonda ngobunjalo bangempela babantu futhi nomsuka nencazelo yezibonakaliso zomoya. Umuntu ubuka ingaphandle, kodwa iNkosi ibheka inhliziyo, â… Â Sam. 16:7. Maye kulabo ababiza ububi ngobuhle, Isaya 5:20 (2Â Nefi 15:20). Izinto zikaNkulunkulu zibonwa ngokomoya, â… Â Kor. 2:14. Kwabanye abantu kunikwe isipho sokwahlukanisa imimoya, â… Â Kor. 12:10. U-Amoni wayeyibona imicabango yakhe, Alima 18:18. Izwi elincane labahlaba labo ababelizwa, 3Â Nefi 11:3. Ukuze ningakhohliseki funani ngeqiniso izipho ezinhle kakhulu, Mf&V 46:8, 23. Abaholi beBandla banikwa amandla okwahlukanisa izipho zoMoya, Mf&V 46:27. Lowomzimba ogcwaliswe ngokukhanya uqonda zonke izinto, Mf&V 88:67. UMose wawubona umhlaba, ewubona ngoMoya kaNkulunkulu, Mose 1:27.