Ukusekela abaholi beBandla Bheka futhi isihloko esithi Ukuvumelana Wukuthembisa ukusekela labo abasebenza ezikhundleni zobuholi zeBandla zezindawo zonke kanye nezasezindaweni ezithile. Beka uJoshuwa phambi kwayo yonke inhlangano, umnike umyalelo phambi kwabo, Num. 27:18–19. Bonke abantu bamemeza, bathi, Nkulunkulu sindisa inkosi, â… Â Sam. 10:24. Kholwani ngabaphrofethi bakhe, ngalokho niyophumelela, â…¡Â IziKr. 20:20. Bahlonipheni labo abanibusayo, Heb. 13:17. Uyothandwa yiNkosi, ngokuba awuvungamanga, 1 Nefi 3:6. Labo abemukela abaphrofethi basindiswa, 3 Nefi 10:12–13. Nakani amazwi alaba abayishumi nambili, 3 Nefi 12:1. Ngelami izwi noma ngezwi lezinceku zami, kuyafana, Mf&V 1:38. Izwi lakhe niyolamukela, kube sengathi liphuma kowami umlomo, Mf&V 21:5. Lowo owemukela izinceku zami wemukela mina, Mf&V 84:35–38. Lowo owemukela mina, wemukela labo angibathumileyo, Mf&V 112:20. uma abantu bami bengalilaleli izwi lalamadoda engiwabekile, ngeke babusiswe, Mf&V 124:45–46.