Ilungelo lokukhetha Bheka futhi isihloko esithi Inkululeko, Okhululekileyo; Ukukwazi ukuziphendulela, Ukuphendula, Ukuziphendulela Ngamandla nelungelo uNkulunkulu alinika abantu ukuba bazikhethele futhi bazenzele ngokwabo. Ungadla kuyo yonke imithi ngokuthanda kwakho, Gen. 2:16. Khethani namuhla ukuthi ngubani enizomkhonza, Josh. 24:15 (Alima 30:8; Mose 6:33). Umuntu wayengeke akwazi ukuzenzela ngaphandle kokuba ayengwe, 2 Nefi 2:15–16. Abantu bakhululekile ukuba bakhethe inkululeko kanye nokuphila okuphakade noma ukuthunjwa kanye nokufa, 2 Nefi 2:27. Nikhululekile; nivunyelwe ukuba nenze ngokwenu, Hel. 14:30. Inxenye yesithathu yoquqaba lwasezulwini waphambukisa ukuthembeka kwayo ngenxa yokuthi babenelungelo labo lokukhetha, Mf&V 29:36. Udeveli kumele abalinge abantu, noma ngeke bazikhethele, Mf&V 29:39. Wonke umuntu makazikhethele, Mf&V 37:4. Wonke umuntu angenza ngokuzikhethela kokulunga engimunike kona, Mf&V 101:78. USathane wafuna ukuqeda ilungelo lomuntu lokuzikhethela, Mose 4:3. INkosi yanika umuntu ilungelo lakhe lokuzikhethela, Mose 7:32.