Iseluleko Bheka futhi isihloko esithi Umphrofethi Yimiyalelo, yizexwayiso, amazwi okuqondisa, futhi nokufundisa okuqhamuka eNkosini futhi nakubaholi Bakhe abagcotshiweyo. Ngizokunika iseluleko, Eks. 18:19. UNkulunkulu uzongihola ngeseluleko sakhe, AmaH. 73:24. Lapho kungekho izeluleko, abantu bayawa, IzA. 11:14. AbaFarisi nezazimthetho basenqaba iseluleko sikaNkulunkulu, Luka 7:30. Ukufunda kuhle uma belalela iseluleko sikaNkulunkulu, 2Â Nefi 9:29. Lalelani ukuyala kwakhe onigcobileyo, Mf&V 78:2. Yemukelani iseluleko salowo engimbekile, Mf&V 108:1. Ulangazelela ukumisa isiyalo sakhe esikhundleni sesiyalo engisibekileyo, Mf&V 124:84. Lalela iseluleko senceku yami uJoseph, Mf&V 124:89. Uma kukhona umuntu ongasifuni iseluleko sami, ngeke abe namandla, Mf&V 136:19.