Ize, Okuyize Bheka futhi isihloko esithi Ukuthanda okomhlaba; Ukuzikhukhumeza Ngamanga noma yinkohliso; wukuzidla. Okuyize kanye neze kungasho futhi okungasho-lutho noma okungabalulekile. Lowo ongaphakamiseli umoya wakhe enkohlisweni uyoma endaweni yeNkosi engcwele, AmaH. 24:3–4. Uma nikhuleka, ningathemelezi, Math. 6:7. Isakhiwo esikhulu nesivulekile yimicabango eyize kanye nokuzidla, 1 Nefi 12:18. Uzophikelela yini ekubekeni inhliziyo yakho ezintweni eziyize zomhlaba na, Alima 5:53. Ungazifuni izinto eziyize zalomhlaba, ngokuba ngeke uzithwale uhambe nazo, Alima 39:14. Ubuze nokungakholwa okwenze ibandla lonke libekwe icala, Mf&V 84:54–55. Uma sizama ukwanelisa ukulangazelela kwethu okuyize, amazulu ayaqhela, Mf&V 121:37.