Injabulo Bheka futhi isihloko esithi Othobelayo, Thobela, Ukuthobela Yisimo sentokozo enkulu esivela ekuphileni ngokulunga. Inhloso yempilo yasemhlabeni wukuba bonke abantu babe nenjabulo (2 Nefi 2:22–25). Injabulo egcwele izoza kuphela ngoJesu Kristu (Joh. 15:11; Mf&V 93:33–34; 101:36). Abamnene nabo bayokwandisa injabulo yabo eNkosini, Isaya 29:19 (2 Nefi 27:30). Nginilethela izindaba ezimnandi zenjabulo enkulu, Luka 2:10. Injabulo yenu akukho muntu ozoyithatha kini, Joh. 16:22. Izithelo zikaMoya wuthando, injabulo, wukuthula, Gal. 5:22. Isithelo sawo sangigcwalisa ngenjabulo enkulu kakhulu, 1 Nefi 8:12. Abantu bakhona ukuze babe nenjabulo, 2 Nefi 2:25. Injabulo yabalungileyo iyogcwala njalonjalo, 2 Nefi 9:18. Bangahlala noNkulunkulu esimweni senjabulo engapheli, Mosiya 2:41. Ngizodela konke enginakho ukuze ngithole lenjabulo, Alima 22:15. Mhlawumbe ngingaba yisu ezandleni zikaNkulunkulu lokuletha umuntu othile empendukweni, futhi lokhu kuyinjabulo yami, Alima 29:9. Ingakanani injabulo, kanye nokukhanya okumangalisayo engakubona, Alima 36:20. UMoya wami uyogcwalisa umoya wakho ngenjabulo, Mf&V 11:13. Kuyoba kukhulu kangakanani ukujabula kwenu naye embusweni kaBaba, Mf&V 18:15–16. Kulomhlaba ukuthokoza kwenu akuphelele, kodwa kimi ukuthokoza kwenu kuphelele, Mf&V 101:36. Kulempilo ngiyoba nenjabulo, Mose 5:10–11.