AmaNefi Bheka futhi isihloko esithi AmaLamani; INcwadi kaMormoni; Nefi, indodana kaLehi Yiviyo labantu eNcwadini kaMormoni, abaningi babo ababewuzalo lomphrofethi uNefi, indodana kaLehi. Bahlukana namaLamani futhi ngokujwayelekile babelungile kunamaLamani. Kodwa, ekugcineni babhujiswa ngamaLamani ngenxa yokukhohlakala. AmaNefi ehlukana namaLamani, 2 Nefi 5:5–17. Bonke labo ababengesiwo amaLamani babengamaNefi, Jakobe 1:13. AmaNefi ayethanda indlela enhle, Alima 43:6–9, 45. AmaNefi awakaze ajabule njengasesikhathini sikaMoroni, Alima 50:23. AmaNefi asindiswa ngenxa yemikhuleko yabalungileyo, Alima 62:40. AmaNefi aqala ukudwanguza ekungakholwini, Hel. 6:34–35. UJesu wafundisa futhi wasebenza phakathi kwamaNefi, 3 Nefi 11:1–28:12. Bonke baguqukela eNkosini futhi babenezinto zonke ngokufanayo, 4 Nefi 1:2–3. Kwakungekho mibango, uthando lukaNkulunkulu lwaluhlezi ezinhliziyweni zabo, futhi kwakungabantu ababejabule kunabo bonke, 4 Nefi 1:15–16. AmaNefi aqala ukuzikhukhumeza nokuba yize, 4 Nefi 1:43. Igazi kanye nokufa kwabantu abaningi kwagcwala ubuso bonke bezwe, Morm. 2:8. AmaNefi akhula enkohlakalweni futhi uMormoni wenqaba ukubahola, Morm. 3:9–11. Wonke amaNefi, ngaphandle kwabangamashumi amabili nane, abulawa, Morm. 6:7–15. Wonke umNefi owayengezukumphika uKristu wabulawa, Moro. 1:2. AmaNefi abhujiswa ngenxa yobubi kanye nezono zawo, Mf&V 3:18. Qaphelani ukuzikhukhumeza hleze nibe njengamaNefi, Mf&V 38:39.