Kholwa, Ukukholwa Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu; Themba; Ukholo; Ukungakholwa Wukuba nokholo kumuntu othile noma wukwemukela okuthile njengeqiniso. Umuntu kufanele aphenduke futhi akholwe kuJesu Kristu ukuze asindiswe embusweni kaNkulunkulu (Mf&V 20:29). Kholwani eNkosini uNkulunkulu wenu; kholwani ngabaphrofethi bakhe, â…¡Â IziKr. 20:20. UDaniyeli akalimalanga emphandwini wezingonyama ngokuba wayekholwa kuNkulunkulu, Dan. 6:23. Njengoba ukholiwe, makube-njalo kuwe, Math. 8:13. Lokho eniyokucela ngomkhuleko, nikholwa, niyokuthola, Math. 21:22. Ungesabi, kuphela kholwa, Marku 5:36. Konke kungenzeka kulowo okholwayo, Marku 9:23–24. Lowo okholwayo futhi abhabhadiswe uyosindiswa, Marku 16:16 (2 Nefi 2:9; 3 Nefi 11:33–35). Lowo okholwa kwiNdodana unokuphila okuphakade, Joh. 3:16, 18, 36 (Joh. 5:24; Mf&V 10:50). Siyakholwa futhi siqinisekile ukuthi wena unguKristu, Joh. 6:69. Okholwa kimi, noma efa, uyophila, Joh. 11:25–26. Thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni, Heb. 4:3. Kholwani kuJesu Kristu, futhi nithandane, â… Â Joh. 3:23. UMesiya akukho namunye ayombhubhisa okholwa kuye, 2 Nefi 6:14. AmaJuda azohlushwa aze avunyiswe ukuba akholwe kuKristu, 2 Nefi 25:16. Uma nikholwa kulezi zinto, bonani ukuthi niyazenza, Mosiya 4:10. INdodana iyothwala iziphambeko zalabo abakholwa egameni layo, Alima 11:40. Ubusisiwe lowo okholwa ezwini likaNkulunkulu ngaphandle kokuphoqeleka, Alima 32:16. Uma ungeke wenza ngaphezulu kokuthi ube nesifiso nje kuphela sokukholwa, lesi sifiso masisebenze kuwe, Alima 32:27. Uma nikholwa egameni likaKristu, nizophenduka, Hel. 14:13. Labo abakholwa kuKristu bakholwa nakuBaba futhi, 3 Nefi 11:35. Umuntu akakaze nanini akholwe eNkosini njengoba kwenza umfowabo kaJarede, Etere 3:15. Yonke into ekuvumisa ukuba ukholwe kuKristu ithunyelwe ngamandla kaKristu, Moro. 7:16–17. Labo abakholwa emazwini eNkosi bazonikwa isambulo soMoya, Mf&V 5:16. Labo abakholwa egameni leNkosi bazoba ngamadodana kaNkulunkulu, Mf&V 11:30 (Joh. 1:12). Kwabanye kunikwa ukuba bakholwe emazwini abanye, Mf&V 46:14. Izibonakaliso zilandela labo abakholwayo, Mf&V 58:64 (Mf&V 63:7–12). Labo abakholwayo, abaphendukayo, futhi nababhabhadiswayo bayothola uMoya oNgcwele, Mose 6:52.