Eksodusi
Yincwadi eyabhalwa nguMose eTestamenteni eliDala echaza ngokuhamba kwabakwa-Israyeli bephuma eGibithe. Umlando wasekuqaleni wabakwa-Israyeli njengoba ubhaliwe ku-Eksodusi ungahlukaniswa izinxenye ezintathu: (1) ubugqili babantu eGibithe, (2) ukuhamba kwabo besuka eGibithe ngaphansi kokuholwa nguMose, futhi (3) nokuzinikela kwabo ekukhonzeni uNkulunkulu empilweni yabo yenkolo futhi neyezombusazwe.
Ingxenye yokuqala, Eksodusi 1:1–15:21, zichaza ngokucindezelwa kwabakwa-Israyeli eGibithe; umlando wasekuqaleni futhi nokubizwa kukaMose; ukuPhuma kwabantu futhi nokumiswa kwePhasika; futhi nokuhamba okuya oLwandle oluBomvu, ukubhujiswa kwamabutho kaFaro, futhi neculo lokunqoba likaMose.
Ingxenye yesibili, Eksodusi 15:22–18:27, ikhuluma ngokukhululwa kwabakwa-Israyeli futhi nezehlakalo ohambeni olusuka oLwandle oluBomvu luya eSinayi; amanzi ababayo aseMara, ukunikwa kwezigwaca futhi nemana, ukugcinwa kweSabatha, isimangaliso sesipho samanzi eRefidimi, futhi nokulwa lapho nabakwa-Amaleki; ukufika kukaJetiro enkambini futhi neseluleko sakhe ngomkhandlu ophetheyo wabantu.
Ingxenye yesithathu, izahluko 19–40, iphathelene nokuzinikela kwabakwa-Israyeli ekukhonzeni uNkulunkulu ngesikhathi sezehlakalo ezinesizotha zaseSinayi. INkosi yabahlukanisa abantu njengombuso wabaphristi futhi nesizwe esingcwele; yanika imiYalelo eliShumi; futhi yanika imiyalelo ngetabernakele, nangempahla yalo, futhi nangokukhonza kulo phakathi. Emuva kwalokho kulandela indaba ngokona kwabantu ekukhonzeni ithole legolide, futhi okokugcina indaba ngokwakhiwa kwetabernakele futhi nokulungiselela ukukhonza kulo.