Isono esingathetheleleki Bheka futhi isihloko esithi Amadodana okulahlwa; Hlambalaza, Ukuhlambalaza; Ukubulala umuntu; UMoya oNgcwele Yisono sokuphika uMoya oNgcwele, isono esingeke saxolelwa. Ukuhlambalaza uMoya oNgcwele akuyikuthethelelwa kubantu, Math. 12:31–32 (Marku 3:29; Luka 12:10). Akunakwenzeka ukuthi labo abenziwe abahlanganyeli kuMoya oNgcwele ukuba babuye bavuswe baphenduke, Heb. 6:4–6. Uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ulwazi lweqiniso, akusekho mnikelo wezono, Heb. 10:26. Uma umphika uMoya oNgcwele futhi wazi ukuthi uyamphika, lesi yisono esingathetheleleki, Alima 39:5–6 (Jakobe 7:19). Abanakuthethelelwa, sebeyiphikile iNdodana kaBaba Ezelwe Yodwa, sebezibethelele yona futhi, Mf&V 76:30–35. Ukuhlambalaza uMoya oNgcwele ngeke kuthethelelwe, okungukuchitha igazi elingenacala emva kokwemukela isivumelwano esisha nesaphakade, Mf&V 132:26–27.