Jarede Bheka futhi isihloko esithi AmaJarede; Umfowabo kaJarede Ngumholi waseNcwadini kaMormoni owahola, kanye nomfowabo, umbuthano wabantu besuka emBhoshongweni waseBabele beya ezweni lesethembiso entshonalanga (Etere 1:33–2:1). UJarede wacela umfowabo ukuba akhuleke eNkosini ingaluphambanisi ulimi lwemindeni kanye nabangani babo, Etere 1:34–37. Wahamba waya olwandle futhi wahlala lapho iminyaka emine, Etere 2:13. Wahamba ngomkhumbi waya ezweni lesethembiso, Etere 6:4–12.