Abantu abaguquliweyo Ngabantu abaguquliweyo ukuze bangabuzwa ubuhlungu noma ukufa kuze kube wukuvukela kwabo ekungafini. U-Enoke wayehamba noNkulunkulu: futhi akabange esaba-khona; ngokuba uNkulunkulu wamthatha, Gen. 5:24 (Heb. 11:5; Mf&V 107:48–49). Akukho muntu owazi ithuna likaMose kuze kube namuhla, Dut. 34:5–6 (Alima 45:19). U-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu, Ⅱ AmaKh. 2:11. Uma ngifisa ukuba ahlale ngize ngize, kuyini lokho kuwe na, Joh. 21:22–23 (Mf&V 7:1–3). Aniseyikukuzwa ukufa, 3 Nefi 28:7. Ukuze bangakuzwa ukufa kwaba-khona ushintsho olwenzeka emizimbeni yabo, 3 Nefi 28:38 (4 Nefi 1:14; Morm. 8:10–11). UJohane oThandiweyo uzophila kuze kubuye iNkosi, Mf&V 7. Ngithathe iSiyoni ka-Enoke ngayiletha esifubeni sami, Mf&V 38:4 (Mose 7:21, 31, 69). U-Enoke nabafowabo bayidolobha eligodliwe kuze kufike usuku lokulunga, Mf&V 45:11–12. U-Eliya wathathwa wasiwa ezulwini ngaphandle kokuzwa ukufa, Mf&V 110:13. UMoya oNgcwele wehlela kwabaningi, futhi bahlwithwa ngamandla asezulwini baya eSiyoni, Mose 7:27.