UmHlengi Bheka futhi isihloko esithi Jesu Kristu; UmSindisi UJesu Kristu ungumHlengi omkhulu wabantu ngoba, ngeNhlawulo Yakhe, wakhokhela izono zabantu futhi wenza ukuba uvuko lwabantu bonke lube khona. Ngiyazi ukuthi umhlengi wami uyaphila, Jobe 19:25. Ngizokusiza, kusho umhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, Isaya 41:14 (Isaya 43:14; 48:17; 54:5; 59:20). Mina iNkosi ngingumSindisi wakho futhi nomHlengi wakho, Isaya 49:26 (Isaya 60:16). Biza igama lakhe ngokuthi nguJesu: ngokuba uyosindisa abantu bakhe ezonweni zabo, Math. 1:21. INdodana yomuntu ize ukuzonikela ukuphila kwayo njengesihlengo sabaningi, Math. 20:28 (â… Â Thim. 2:5–6). INkosi uNkulunkulu ka-Israyeli ibahambele abantu futhi yabahlenga abantu bayo, Luka 1:68. Sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, Roma 5:10. UJesu Kristu wazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, Thithu 2:13–14. UJesu Kristu wasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe, IsAmb. 1:5. Ukuhlengwa kuza ngoMesiya oNgcwele, 2 Nefi 2:6–7, 26. INdodana yazithathela ububi kanye neziphambeko zabantu, yabahlenga, futhi yanelisa izimfuno zokulunga, Mosiya 15:6–9, 18–27. UKristu weza ukuzohlenga bonke labo ababezobhabhadiselwa ekuphendukeni, Alima 9:26–27. Uyoza emhlabeni ukuzohlenga abantu bakhe, Alima 11:40–41. Ukuhlengwa kuza ngokuphenduka, Alima 42:13–26. UJesu Kristu weza ukuzohlenga umhlaba, Hel. 5:9–12. UKristu wahlenga abantu ekufeni komzimba kanye nokomoya, Hel. 14:12–17. Ukuhlengwa kuza ngoKristu, 3 Nefi 9:17. Nginguye owalungiswa kusuka ekusekelweni komhlaba ukuba ahlenge abantu bami, Etere 3:14. INkosi umHlengi wenu wezwa ukufa enyameni, Mf&V 18:11. UKristu ubathwalele bonke uma bephenduka, Mf&V 19:1, 16–20. Abantwana abancane bahlengiwe ngoZelwe Yedwa, Mf&V 29:46. Ngithume iNdodana yami eZelwe Yodwa emhlabeni ukuzohlenga umhlaba, Mf&V 49:5. UKristu ungukukhanya kanye nomHlengi womhlaba, Mf&V 93:8–9. UJoseph F. Smith wathola umbono wokuhlengwa kwabafileyo, Mf&V 138. Sikholwa wukuthi ngenhlawulo kaKristu, bonke abantu bangasindiswa, Bha. Kho. 1:3.