Indlebe Bheka futhi isihloko esithi Lalela Emibhalweni engcwele, imvamisa indlebe isetshenziswa njengophawu lwekhono lomuntu lokuba ezwe futhi aziqonde izinto zikaNkulunkulu. Izindlebe banazo, kodwa kabezwa, AmaH. 115:6. INkosi ivusa indlebe yami, Isaya 50:4–5 (2 Nefi 7:4–5). Lowo onezindlebe zokuzwa, makezwe, Math. 11:15. Bezwa kanzima ngezindlebe, Math. 13:15 (Mose 6:27). Iso alizibonanga futhi nendlebe ayizizwanga izinto uNkulunkulu azilunguisele labo abamthandayo, â… Â Kor. 2:9 (Mf&V 76:10). Udeveli unyenyeza ezindlebeni zabo, 2 Nefi 28:22. Vulani izindlebe zenu ukuze nizwe, Mosiya 2:9 (3 Nefi 11:5). Ngabizwa izikhathi eziningi, futhi angizwanga, Alima 10:6. Lalela amazwi ami, Alima 36:1 (Alima 38:1; Mf&V 58:1). Akukho ndlebe engayikuzwa, Mf&V 1:2. Izindlebe zivulwa ngokuthobeka nangomkhuleko, Mf&V 136:32.