Izwi likaNkulunkulu Bheka futhi isihloko esithi ImiBhalo eNgcwele; Imiyalelo kaNkulunkulu; Isambulo Yiziyalo, yimiyalelo, noma ngumyalezo kaNkulunkulu. Abantwana baNkulunkulu bangalithola izwi Lakhe khona-manje ngesambulo ngoMoya noma ngezinceku Zakhe ezikhethiweyo (Mf&V 1:38). Abantu baphila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni weNkosi, Dut. 8:3 (Math. 4:4; Mf&V 84:43–44). Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami, liwukukhanya endleleni yami, AmaH. 119:105. Bonke bagcwaliswa ngoMoya oNgcwele futhi bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi, IzE. 4:31–33. Induku yensimbi kwakuyizwi likaNkulunkulu elaliholela emthini wokuphila, 1 Nefi 11:25 (1 Nefi 15:23–25). Imizwa yenu ithuntubezekile, ngendlela yokuthi anikwazanga ukuwezwa amazwi akhe, 1 Nefi 17:45–46. Maye kulowo owenqaba izwi likaNkulunkulu, 2 Nefi 27:14 (2 Nefi 28:29; Etere 4:8). Phokophelani phambili, nizitika ngezwi likaKristu, 2 Nefi 31:20 (2 Nefi 32:3). Ngenxa yokungakholwa kwabo babengakwazi ukuliqonda izwi likaNkulunkulu, Mosiya 26:3 (Alima 12:10). Babeyicwaningile imibhalo ngokukhuthala, ukuze balazi izwi likaNkulunkulu, Alima 17:2. Zama amandla ezwi likaNkulunkulu, Alima 31:5. U-Alima waqhathanisa izwi likaNkulunkulu nembewu, Alima 32:28–43. Noma yikuphi abayokukhuluma uma beholwa uMoya oNgcwele kuyoba yizwi leNkosi, Mf&V 68:4. Niyophila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, Mf&V 84:44–45. Lowo ogcina izwi ami, ngeke adukiswa, JS—Math. 1:37.