Ukuphila okuphakade Bheka futhi isihloko esithi Hlawula, Inhlawulo; Impilo; Inkazimulo yesilestiyali; Ukuphakanyiswa; Umqhele Wukuphila njalonjalo njengemindeni lapho kukhona khona uNkulunkulu (Mf&V 132:19–20, 24, 55). Impilo engunaphakade yisipho esikhulu sikaNkulunkulu kumuntu. Wena unamazwi okuphila okuphakade, Joh. 6:68. Lokhu ngukuphila okuphakade, ukuba bazi wena Nkulunkulu weqiniso, kanye noJesu Kristu, Joh. 17:3 (Mf&V 132:24). Yilwa impi enhle yokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade, â… Â Thim. 6:12. Abantu bakhululekile ukuba bakhethe inkululeko kanye nokuphila okuphakade, 2 Nefi 2:27 (Hel. 14:31). Ukunaka okomoya kungukuphila okuphakade, 2 Nefi 9:39. Basendleleni encinyane eholela ekuphileni okuphakade, 2 Nefi 31:17–20. Ukukholwa kuKristu futhi nokubekezela kuze kube sekugcineni kungukuphila okuphakade, 2 Nefi 33:4 (3 Nefi 15:9). Lowo onokuphila okuphakade unothile, Mf&V 6:7 (Mf&V 11:7). Ukuphila okuphakade yisipho esikhulu kunazo zonke izipho zikaNkulunkulu, Mf&V 14:7 (Roma 6:23). Abalungileyo bazothola umoya wokuthula kulomhlaba nempilo yaphakade emhlabeni ozayo, Mf&V 59:23. Labo ababekezela kuze kube sekugcineni bayozuza umqhele wokuphila kuphakade, Mf&V 66:12 (Mf&V 75:5). Bonke abafa ngaphandle kwevangeli abebezolamukela ukuba bebephilile bayizindlalifa zombuso wesilestiyali, Mf&V 137:7–9. Umsebenzi nenkazimulo kaNkulunkulu kungukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu, Mose 1:39. UNkulunkulu unika ukuphila okuphakade kwabalalelayo, Mose 5:11.