Isigaba 120
Isambulo esanikwa ngoJoseph Smith umPhrofethi, eFar West, eMissouri, ngomhlaka 8 Julayi, 1838, esazisa ngokuthi kwenziweni ngezimpahla ezikhokhwe njengokweshumi njengoba kushiwo esambulweni esandulela lesi, isigaba 119.
1 Ngiqinisile, isho kanje iNkosi, isikhathi sesifikile, sokuthi ziyodayiswa ngumkhandlu, owakhiwe ubuMongameli bokuQala beBandla lami, nombhishobhi nomkhandlu wakhe, nomkhandlu wami omkhulu; futhi nangezwi lami kubo, kusho iNkosi. Ngisho kanjalo. Amen.