Isigaba 129
Izimfundiso ezanikwa nguJoseph Smith umPhrofethi, eNauvoo, e-Illinois, ngomhlaka 9Â Februwari 1843, ezazisa ngezikhiye ezintathu ezibalulekile kakhulu okungabonwa ngazo ubunjalo bangempela bezingelosi nemimoya esebenzelayo.
1–3, Ezulwini kukhona imizimba evuswe ekufeni kanye nemizimba yomoya; 4–9, Izikhiye ziyanikwa okungabonwa ngazo izithunywa ezisuka ngale kwesi sitho.
1 Zimbili izinhlobo zabantu ezulwini, okungukuthi: Izingelosi, okungabantu asebe vuswe ekufeni, abanemizimba yenyama namathambo—
2 Isibonelo, uJesu wathi: Ngiphatheni futhi nibone, ngokuba umoya awunayo inyama namathambo, njengoba ningibona nginakho.
3 Okwesibili: imimoya ya bantu abalungileyo abaphelelisiweyo, labo abangakavuswa ekufeni, kodwa abafumana inkazimulo efanayo.
4 Uma isithunywa sifika sithi sinomyalezo ophuma kuNkulunkulu, mnike isandla sakho futhi umcele ukuba nixhawulane.
5 Uma eyingelosi uyokwenze njalo, futhi uyosizwa isandla sakhe.
6 Uma engumoya womuntu olungileyo ophelelisiweyo uyoza esenkazimulweni yakhe; ngokuba leyo yiyona ndlela kuphela angavela ngayo—
7 Mcele ukuba nixhawulane, kodwa ngeke anyakaze, ngokuba kuphambene nohlelo lwasezulwini ukuba umuntu olungileyo akhohlise; kodwa nokho uyowuletha umyalezo wakhe.
8 Uma kungu develi evela njengengelosi yokukhanya, uma umcela ukuba nixhawulane uyokunika isandla sakhe kodwa ngeke uzwe lutho; uyobe usukwazi ukumbona.
9 Lezi yizikhiye ezintathu ezibalulekile kakhulu ongakwazi ukubona ongazo ukuthi uma kukhona ukusetshenzelwa ngabe kuvela kuNkulunkulu yini.