Isigaba 26
Isambulo esanikwa uJoseph Smith umPhrofethi, u-Oliver Cowdery, noJohn Whitmer, eHarmony, ePennsylvania, ngoJulayi 1830. (bheka isihloko sesigaba 24).
1, Bayalwa ukuthi bayifunde imibhalo engcwele futhi bashumayele; 2, Umthetho wokuvuma kwabantu bonke uyaqiniswa.
1 Bhekani, ngithi kini niyochitha isikhathi senu ekufundeni imibhalo engcwele, nasekushumayeleni, nasekuqiniseni ibandla eColesville, nasekwenzeni imisebenzi yenu ensimini, njengoba kudingekile, kuze kube niya entshonalanga ukuyobamba omunye umhlangano; futhi emva kwalokho niyokwaziswa ukuthi niyokwenzani.
2 Futhi zonke izinto ziyokwenziwa ngokuvuma kwabantu bonke ebandleni, ngokukhuleka nokukholwa okukhulu, ngokuba zonke izinto niyozithola ngokukholwa. Amen.