Isahluko 14
Ingelosi itshela uNefi ngezibusiso nangeziqalekiso ezizowela phezu kwabeZizwe—Mabili kuphela amabandla: IBandla leMvana kaNkulunkulu kanye nebandla likadeveli—Abangcwele baNkulunkulu kuzo zonke izizwe bahlushwa yilo lelibandla elikhulu nelinengekile—UmPhostoli uJohane uyobhala maqondana nokuphela komhlaba. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi uma abeZizwe beyoyilalela iMvana kaNkulunkulu ngalolo suku eyoziveza ngalo kubo ngezwi, futhi ngokunjalo nangamandla, nangezenzo uqobo, ukuze kususwe izikhubekiso zabo—
2 Futhi bangazenzi lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene neMvana kaNkulunkulu, bayobalwa kanye nenzalo kayihlo; yebo, bayobalwa kanye nendlu ka-Israyeli; futhi bayokuba ngabantu ababusisekile ezweni lesethembiso ingunaphakade; ngeke besaphinda nanini babuyiselwe phansi ekuthunjweni; futhi indlu ka-Israyeli ngeke isaphinde nanini ihlakazeke.
3 Futhi lowo mgodi omkhulu, obumbelwe bona yilelo bandla elikhulu nelinengekile, elasungulwa ngudeveli kanye nabantwana bakhe, ukuze aholele le imiphefumulo yabantu phansi esihogweni—yebo, lowo mgodi omkhulu ombelwe ukubhubhisa abantu uyogcwaliswa yilabo abawumbayo, ukuze babhujiswe baphele nya, kusho iMvana kaNkulunkulu; hhayi ukubhujiswa komphefumulo, ngaphandle kokuthi kube wukuphonswa kwawo esihogweni esingenasiphelo.
4 Ngokuba bheka, lokhu kuyindlela udeveli athumba ngayo, futhi ngokunjalo nendlela yokulunga kukaNkulunkulu, kubo bonke labo abayokwenza imisebenzi yobubi kanye nezinengiso phambi kwakhe.
5 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi, Nefi, ithi: Ubonile ukuthi uma abeZizwe bephenduka kuyoba kuhle kubo; futhi phezu kwalokho uyazi mayelana nezivumelwano zeNkosi kuyo indlu ka-Israyeli; futhi phezu kwalokho uzwile ukuthi lowo ongaphenduki kufanele alahleke.
6 Ngakho-ke, maye kubo abeZizwe uma kungukuthi bazenza lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene neMvana kaNkulunkulu.
7 Ngokuba isikhathi siyeza, kusho iMvana kaNkulunkulu, lapho ngiyokwenza umsebenzi omkhulu kanye nomangalisayo phakathi kwabantwana babantu; umsebenzi oyokuba ngowaphakade, kube yisimo esithile kolunye uhlangothi noma esinye ngakolunye—bakholiswe ukuze babe nokuthula kanye nokuphila okuphakade, noma bayekelwe ebulukhunini bezinhliziyo zabo kanye nasekuphuphuthekeni kwemiqondo yabo kuze kube badonseleka ekuthunjweni, futhi ngokunjalo nasekubhujisweni, ngokwemvelo kanye nangokomoya, ngokwendlela udeveli athumba ngayo, esengikhulume ngakho.
8 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi ingelosi isiwakhulumile lamazwi, yathi kimi: Uyazikhumbula yini izivumelwano zikaBaba kuyo indlu ka-Israyeli na? Ngathi kuyo, Yebo.
9 Futhi kwenzeka ukuthi yathi kimi: Buka, futhi ubone lelo bandla elikhulu nelinengekile, elingunina wezinengiso, umqambi walo okungudeveli.
10 Futhi yathi kimi: Bheka mabili kuphela amabandla; elilodwa yibandla leMvana kaNkulunkulu, kanti elinye yibandla likadeveli; ngalokho-ke, lowo ongeyena owebandla leMvana kaNkulunkulu ungowalelo bandla elikhulu, elingunina wezinengiso; futhi uyisifebe somhlaba wonke.
11 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuka futhi ngasibona isifebe somhlaba wonke, futhi sasihlezi phezu kwamanzi amaningi; futhi sasibusa phezu komhlaba wonke, phakathi kwezizwe zonke, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.
12 Futhi kwenzeka ukuthi ngalibona ibandla leMvana kaNkulunkulu, futhi inani lalo laliyidlanzana, ngenxa yobubi kanye nezinengiso zesifebe leso esasihlezi phezu kwamanzi amaningi; nokho, ngabona ukuthi ibandla leMvana, okwakungabangcwele baNkulunkulu, babekhona nabo ngokunjalo phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi izindawo ezingaphansi kwabo ebusweni bomhlaba zazincane, ngenxa yobubi besifebe esikhulu engasibona.
13 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi unina omkhulu wezinengiso nempela wazibuthela ndawonye izixuku phezu kobuso bonke bomhlaba, phakathi kwazo zonke izizwe zabeZizwe, ukuthi zilwe neMvana kaNkulunkulu.
14 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngabona amandla eMvana kaNkulunkulu, ukuthi ehlela phezu kwabangcwele bebandla leMvana, kanye naphezu kwabantu besivumelwano beNkosi, labo ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye nangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu.
15 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu yathululwa phezu kwalo lelo bandla elikhulu nelinengekile, kangangokuthi kwabakhona izimpi kanye namahemuhemu ezimpi phakathi kwazo zonke izizwe kanye nemindeni yomhlaba.
16 Futhi ngesikhathi kuqala ukuthi kube khona izimpi kanye namahemuhemu ezimpi phakathi kwazo zonke izizwe okwakungezikanina wezinengiso, ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Bheka, intukuthelo kaNkulunkulu iphezu kukanina wezifebe; futhi bheka, uyazibona zonke lezi zinto—
17 Futhi uma usuku selufika ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu ithululwe phezu kukanina wezifebe, okuyibandla elikhulu nelinengekile lomhlaba wonke, umqambi walo okungudeveli, ngalolo suku, umsebenzi kaBaba uyoqala, wokulungisa indlela yokugcwalisa izivumelwano zakhe, azenza kubantu bakhe okungabendlu ka-Israyeli.
18 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Buka!
19 Futhi ngabuka futhi ngabona indoda, eyayigqoke ingubo emhlophe.
20 Futhi ingelosi yathi kimi: Bheka omunye wabaphostoli abayishumi nambili beMvana.
21 Bheka, uyobona futhi abhale ngensalela yalezi zinto; yebo, futhi ngokunjalo nezinto eziningi ezike zaba khona.
22 Futhi phezu kwalokho uyobhala mayelana nokuphela komhlaba.
23 Ngalokho-ke, lezo zinto ayozibhala zilungile futhi ziyiqiniso; futhi bheka zibhaliwe encwadini leyo oyibone iphuma emlonyeni weJuda; futhi ngesikhathi ziphuma emlonyeni weJuda, noma, ngesikhathi incwadi iphuma emlonyeni weJuda, lezo zinto ezazibhaliwe zazisobala futhi zimsulwa, futhi ziyigugu elikhulu futhi zilula ukuqondwa ngabantu bonke.
24 Futhi bheka, izinto lomphostoli weMvana ayozibhala ziyizinto eziningi wena osuzibonile; futhi bheka, okuseleyo uzokubona.
25 Kodwa lezo zinto ozozibona emva kwalokhu awuzukuzibhala; ngokuba iNkosi uNkulunkulu igcobe umphostoli weMvana kaNkulunkulu ukuthi azibhale.
26 Futhi ngokunjalo nabanye ababekhona, kubo uzikhombisile zonke izinto; futhi bazibhalile; futhi zivaliwe zabekwa ukuze ziphume zimsulwa; ngokweqiniso lelo elikuyo iMvana, ngesikhathi esifanele seNkosi, ziye kuyo indlu ka-Israyeli.
27 Futhi mina, Nefi, ngezwa futhi ngiyafakaza, ukuthi igama lalomphostoli weMvana kwabe kunguJohane, ngokwezwi lengelosi.
28 Futhi bheka, mina, Nefi, ngenqatshelwe ukuthi ngibhale okuseleyo kwezinto engazibona futhi ngazizwa; ngalokho-ke izinto engizibhalile ziyangenelisa; futhi ngibhale kuphela inxenye encane yezinto engazibona.
29 Futhi ngiyafakaza ukuthi ngazibona lezo zinto ubaba azibona, futhi ingelosi yeNkosi yazembula kimi.
30 Manje sengenza isiphetho senkulumo yami mayelana nalezo zinto engazibona ngesikhathi ngihlwithiwe nguMoya; futhi uma ngabe zonke izinto engazibona zingabhaliwe, izinto engizibhalile ziyiqiniso. Futhi kunjalo nje. Amen.