Isahluko 11
UJakobe wambona uMkhululi wakhe—Umthetho kaMose ufaniswa noKristu futhi uqinisekisa ukuthi Yena uzofika. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Manje, uJakobe wakhuluma eziningi kakhulu izinto kubantu bami ngaleso sikhathi; nokho yilezi zinto kuphela engenze ukuthi zibhalwe, ngokuba izinto engizibhalile ziyangenelisa.
2 Manje mina, Nefi, ngibhala okuningi okungamazwi ka-Isaya, ngokuba umphefumulo wami uyathokoza emazwini akhe. Ngokuba ngizobhekisa amazwi akhe kubantu bami, futhi ngizowathumela kubo bonke abantwana bami, ngokuba ngempela wambona uMkhululi wami, ngisho njengoba nami ngimbonile.
3 Futhi umfowethu, uJakobe, ngokunjalo naye umbonile njengoba nami ngimbonile; ngalokho-ke, ngizowathumela amazwi abo kubo abantwana bami ukubaqinisekisa ukuthi amazwi ami ayiqiniso. Ngalokho-ke, ngamazwi abathathu, uNkulunkulu uthe, ngiyowamisa amazwi ami. Nokho, uNkulunkulu uthumela ofakazi abaningi, futhi uyawaqinisekisa amazwi akhe onke.
4 Bheka, umphefumulo wami uyathokoza ekuboniseni abantu bami iqiniso lokuza kukaKristu; ngokuba, ngalesi sizathu umthetho kaMose unikeziwe; futhi zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu kusukela ekuqaleni komhlaba, ziya kumuntu, ziwuphawu lwakhe.
5 Futhi phezu kwalokho umphefumulo wami uyathokoza ezivumelwaneni zeNkosi ezenze kobaba bethu; yebo, umphefumulo wami uyathokoza kuso isihawu sakhe, kanye nasekulungeni kwakhe, kanye nasemandleni, kanye nasemseni omkhulu nesu laphakade lokukhululwa ekufeni.
6 Futhi umphefumulo wami uyathokoza ekuboniseni abantu bami ukuthi ngaphandle kokuthi uKristu afike bonke abantu kufanele babhubhe.
7 Ngokuba uma engekho uKristu ngeke abe khona uNkulunkulu; futhi uma engekho uNkulunkulu thina asikho, ngokuba beyingeke ibe khona indalo. Kepha ukhona uNkulunkulu, futhi unguKristu, futhi uyofika ngokuphelela kwesikhathi sakhe.
8 Manje ngibhala amanye amazwi ka-Isaya, ukuze noma ngubani kubantu bami abayowabona lamazwi baphakamise izinhliziyo zabo futhi bajabule ngabantu bonke. Manje lawa ngamazwi, futhi ningawabhekisa kini futhi nakubo bonke abantu.