Isahluko 25
NgokuZa kwesiBili, abaziqhenyayo kanye nababi bazoshiswa njengamabibi—U-Eliya uzobuya ngaphambi kwalolo suku olukhulu nolwesabekayo—Qhathanisa noMalaki 4. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.
1 Ngokuba bheka, usuku luyeza oluyovutha njengeziko; futhi bonke abaziqhenyayo, yebo, kanye nabo bonke labo abenza ububi, bayokuba ngamabibi; futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla, futhi aliyikubashiyela mpande nagatsha.
2 Kepha kinina enilesabayo igama lami, iNdodana yokuLunga iyovuka nokuphilisa emaphikweni ayo; futhi niyoqala nikhule njengamathole esitebeleni.
3 Futhi niyobanyathela phansi ababi; ngokuba bayokuba ngumlotha phansi kwezithende zezinyawo zenu ngosuku engiyokwenza ngalo lokhu, kusho iNkosi yamaBandla.
4 Khumbulani umthetho kaMose, inceku yami, engamyala ngawo eHorebe ngo-Israyeli wonke, ngemithetho kanye nangezahlulelo.
5 Bhekani, ngiyothumela kini u-Eliya umphrofethi lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi;
6 Futhi uyophendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, kanye nezinhliziyo zabantwana, koyise, hleze ngize futhi ngishaye umhlaba ngesiqalekiso.