Isahluko 14
U-Isaya ukhuluma njengomesiya—Ukwehliswa isithunzi kanye nokuhlupheka kukaMesiya kuyashiwo—Wenza umphefumulo Wakhe ube ngumnikelo wesono futhi uncengela izoni—Qhathanisa no-Isaya 53. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.
1 Yebo, ngisho u-Isaya akashongo yini ukuthi: Ngubani okholwe wumbiko wethu, futhi ingalo yeNkosi yambulelwe bani na?
2 Ngokuba uyokhula phambi kwakhe njengesitshalo esintekenteke, futhi nanjengempande ephuma emhlabathini owomileyo; akanasimo noma nakubukeka; futhi ngesikhathi sesimbona akukho buhle esiyobe sibufuna ukuze simthande.
3 Udelelwe futhi wenqatshwa ngabantu; umuntu wokudabuka, futhi owaziyo ngosizi; futhi sibucashisile ubuso bethu kuye; wadelelwa, futhi asimazisanga.
4 Ngempela uzithwalile izinsizi zethu, futhi wakutshatha nokudabuka kwethu; kodwa thina nempela sithe ujezisiwe, ushaywe nguNkulunkulu, futhi uhlushiwe.
5 Kodwa walinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, futhi wahuzulwa ngenxa yobubi bethu; isijeziso esiletha ukuthula kithi sasiphezu kwakhe; futhi ngemivimbo yakhe siphilisiwe.
6 Sonke, sinjengezimvu, sidukile; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; futhi iNkosi yehlisele kuye ububi bethu sonke.
7 Wacindezelwa, futhi wahlushwa, kodwa akawuvulanga umlomo wakhe; ulethwa njengemvana ekuhlatshweni, nanjengemvu phambi kwabagundi bayo iyisimungulu kanjalo akawuvulanga umlomo wakhe.
8 Wakhishwa etilongweni kanye nasekwahlulelweni; futhi ngubani oyomemezela isizukulwane sakhe na? Ngokuba wabulawa waphuma ezweni labaphilayo; ngenxa yeziphambeko zabantu bami washaywa.
9 Futhi walibeka ithuna lakhe kanye nababi, futhi kanye nesicebi ekufeni kwakhe; nakuba yena engenzanga bubi, noma kungekho nankohliso emlonyeni wakhe.
10 Nokho kwayijabulisa iNkosi ukumhuzula; yamfaka osizini; uma ungenza umphefumulo wakhe umnikelo wesono yena uyoyibona inzalo yakhe, uyozelula izinsuku zakhe, futhi intando yeNkosi iyophumelela esandleni sakhe.
11 Uyokubona ubuhlungu bomphefumulo wakhe, futhi uyokwaneliseka; ngolwazi lwakhe inceku yami elungileyo iyobathola bengenacala abaningi; ngokuba uyobuthwala ububi babo.
12 Ngakho-ke ngizomabela inxenye kanye nabakhulu, futhi uyohlukanisa impango nabanamandla; ngokuba uwuthululile umphefumulo wakhe ekufeni; futhi wabalwa kanye nezoni; futhi wazithwala izono zabaningi, futhi wazincengela izoni.