Amasu Okufunda
Amashadi


Izehlakalo ngezinsuku zabaphatriyakhe bokuqala. (Ngenxa yobunzima bokwazisisa kahle izinsuku okuyizona zona zezehlakalo kulesi sigaba, izinsuku azinikeziwe.)

Ngaphambi kokuZalwa kukaJesu Kristu (noma Ngaphambi kwesiKhathi saBantu Bonke)

4000

U-Adamu wawa.

U-Enoke wasebenza.

UNowa wasebenza; umhlaba wagcwala amanzi.

UmBhoshongo waseBabele wakhiwa; amaJarede ahamba aya eZweni leseThembiso.

UMelkisedeki wasebenza

UNowa wafa.

U-Abrama (u-Abrahama) wazalwa.

U-Isaka wazalwa.

UJakobe wazalwa.

UJosefa wazalwa.

UJosefa wathengiselwa eGibithe.

UJosefa wavela ngaphambi kukaFaro.

UJakobe (u-Israyeli) nomndeni wakhe waya phansi eGibithe.

UJakobe (u-Israyeli) wafa.

UJosefa wafa.

UMose wazalwa.

UMose wahola abantwana bakwa-Israyeli ukuba baphume eGibithe (ukuPhuma kwaBantu aBaningi).

UMose waguqulwa.

UJoshuwa wafa.

Emuva kokufa kukaJoshuwa, kwaqala isikhathi sabahluleli, u-Otheniyeli eba ngumahluleli wokuqala futhi owokugcina kuba nguSamuweli; uhlelo nezinsuku zezinyanga zezinye izehlakalo azaziwa kahle.

USawule wagcotshwa waba yinkosi.

Izehlakalo zoMbuso oHlangene wakwa-Israyeli

1095

Ukubusa kukaSawule kuyaqala.

1063

UDavide wagcotshwa nguSamuweli waba yinkosi.

1055

UDavide waba yinkosi yaseHebroni.

1047

UDavide waba yinkosi eJerusalema; UNathani noGadi baphrofetha.

1015

USolomoni waba yinkosi yabo bonke abakwa-Israyeli.

991

IThempeli laqedwa.

975

USolomoni wafa; izizwana ezilishumi zasenyakatho zavukela uRehobowamu, indodana yakhe futhi nabakwa-Israyeli behlukana

Izehlakalo zakwa-Israyeli

Izehlakalo zakwaJuda

Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni

975

UJerobowamu waba yinkosi yakwa-Israyeli.

949

UShishaki, inkosi yaseGibithe, waphanga iJerusalema.

875

U-Ahabi wabusa eSamariya phezu kwabakwa-Israyeli abasenyakatho; U-Eliya waphrofetha.

851

U-Elisha wenza izimangaliso ezinkulu.

792

U-Amose waphrofetha.

790

UJona kanye noHoseya baphrofetha.

740

U-Isaya waqala ukuphrofetha. (IRoma yasungulwa; UNabonasa waba yinkosi yaseBabiloni ngonyaka ka 747; UThiligati-Philineseri wesiThathu waba yinkosi yase-Asiriya kusuka ngonyaka ka747 kuya koka 734.)

728

UHezekiya waba yinkosi yakwaJuda. (UShalimaneseri weSine waba yinkosi yase-Asiriya.)

721

UMbuso waseNyakatho wabhujiswa; izizwana ezilishumi zathunjwa; uMika waphrofetha.

642

UNahume waphrofetha.

628

UJeremiya kanye noZefaniya baphrofetha.

609

U-Obadiya waphrofetha; UDaniyeli wathathwa wayothunjwa eBabiloni. (INineve yawa ngonyaka ka606; UNebukadinesari waba yinkosi yaseBabiloni kusuka ngonyaka ka604 kuya ku561.)

600

ULehi wahamba eJerusalema.

598

UHezekeli waphrofetha eBabiloni; UHabakuki waphrofetha; USedekiya waba yinkosi yakwaJuda.

588

UMuleki wahamba eJerusalema waya ezweni lesethembiso.

588

AmaNefi azihlukanisa namaLamani (phakathi konyaka ka 588 noka 570).

587

UNebukadinesari wathumba iJerusalema.

Izehlakalo emlandweni wamaJuda

Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni

537

UKoresi wamemezela ukuthi amaJuda angabuyela emuva besuka eBabiloni.

520

UHagayi kanye noZakariya baphrofetha.

486

U-Esteri wayephila.

458

U-Ezra wathunywa ukuba enze izinguquko.

444

UNehemiya wabekwa ukuba abe ngumbusi eJudiya.

432

UMalaki waphrofetha.

400

UJaromu wathola izingcwephe.

360

U-Omini wathola izingcwephe.

332

U-Aleksandru omKhulu wanqoba iSiriya neGibithe.

323

U-Aleksandru wafa.

277

ISeptuwajinti, ukuhunyushwa kwemibhalo engcwele yamaJuda ngesiGriki, yaqalwa.

167

UMatathiya wakwaMakabi wavukela iSiriya.

166

UJuda Makabiya waba ngumholi wamaJuda.

165

Ithempeli lahlanzwa futhi laphinde lahlukaniselwa; IHanuka yaqaliswa.

161

UJuda Makabiya wafa.

148

U-Abinadi wabulawelwa ukholo; U-Alima walimisa futhi iBandla phakathi kwamaNefi.

124

UBenjamini wanika inkulumo yakhe yokugcina kwamaNefi.

100

U-Alima omNcane namadodana kaMosiya baqala umsebenzi wabo.

91

Ukubusa kwabehluleli kwaqala phakathi kwamaNefi.

63

UPompeyi wanqoba iJerusalema, ukubusa kwabaka Makabi kwaphela kwa-Israyeli, futhi kwase kuqala ukubusa kwama Roma.

51

UKleyophathira wabusa.

41

UHerode kanye noFazayeli benziwa amatetrarki aseJudiya.

37

UHerode waba ngumholi eJerusalema.

31

Kwaliwa eMpini yase-Actium; U-Awugustu waba yinkosi enkulu yaseRoma kusuka ngonyaka wama 31 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu kuya onyakeni weNkosi we 14.

30

UKleyophathira wafa.

17

UHerode wabuyisela ithempeli.

6

USamuweli umLamani waphrofetha ngokuzalwa kukaKristu.

Izehlakalo eMlandweni wamaKristu

Izehlakalo eMlandweni weNcwadi kaMormoni

Ngonyaka weNkosi

Ngonyaka weNkosi

Ukuzalwa kukaJesu Kristu.

30

Ubufundisi bukaKristu baqala.

33

UKristu wabethelwa esiphambanweni.

33 noma 34

UKristu ovuke kwabafileyo wavela eMelika.

35

UPawulu waguquka.

45

UPawulu wathatha uhambo lwakhe lobufundisi lokuqala.

58

UPawulu wathunyelwa eRoma.

61

Umlando weZenzo zabaPhostoli wafika esiphethweni.

62

IRoma yashiswa; AmaKristu ahlushwa ngaphansi kukaNiro.

70

AmaKristu abaleka aya ePela; IJerusalema yavinjezelwa futhi yathunjwa yibutho lama Roma.

95

AmaKristu ahlushwa nguDomitiya.

385

Isizwe sakwaNefi sabhujiswa.

421

UMoroni wazicashisa izingcwephe.