Ukwakha IBandla LikaJesu Kristu, Friend (Umngani), ngoMashi 2021
Umlayezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoMashi 2021
Ukwakha IBandla LikaJesu Kristu
Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott
Ngo-Ephreli 6, 1830 kwabanjwa umhlangano okhethekile emzini owakhiwe ngokhuni. UJoseph Smith wamisa iBandla likaJesu Kristu futhi lapha emhlabeni.
UJoseph Smith no-Oliver Cowdery babusisa futhi badlulisa isidlo esingcwele.
Emuva kokuba umhlangano usuphelile, abambalwa babhabhadiswa.
Emuva kwezinyanga ezimbalwa, uNkulunkulu wabiza u-Emma ukuba ahlanganise incwadi yamaculo leBandla. Ngaleyo ndlela, abantu babezokwazi ukucula amaculo emihlanganweni yeBandla.
NgingoweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngingacula amaculo futhi ngithathe isidlo esingcwele isonto nesonto.
Ikhasi lokufaka Imibala
Ngiyathanda Ukuya Esontweni
Ngabe yikuphi okuthandayo ngokuya esontweni na?
© 2021 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Ishicilelwe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lezi zifundo zikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lezi zifundo zihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe Monthly Friend Message, January 2021. Zulu. 17466 783