Ngo-2023
Cabanga iSilestiyali!
NgoNovemba 2023


UMyalezo waNyanga zonke we Liyahona yangoNovemba 2023

Cabanga iSilestiyali!

Izinqumo zakho zizonquma ukuthi uzohlala kuphi ingunaphakade, uhlobo lomzimba ozovuswa nawo, kanye nalabo oyophila nabo phakade.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngibonga kakhulu ukukhuluma nani namuhla. Eminyakeni yami, usuku ngalunye olusha luletha izimanga ezinhle neziyinselele. Emasontweni amathathu adlule, Ngalimala imsipha yomgogodla. Ngakho-ke, njengoba sengethule izinkulumo zengqungquthela yeBandla ezingaphezu kwe-100 ngimile ngezinyawo, namuhla ngicabange ukuthi ngizokwenza kanjalo ngihlezi phansi. Ngithandazela ukuthi uMoya ufake umlayezo wami ezinhliziyweni zenu namuhla.

Ngisanda kugubha usuku lwami lokuzalwa lwama-99 futhi ngaleyo ndlela ngaqala unyaka wami we-100 wokuphila. Ngivame ukubuzwa imfihlo yokuphila isikhathi eside kangaka. Umbuzo ongcono kungaba “Yini engiyifundile cishe eminyakeni eyikhulu yokuphila?”

Isikhathi namuhla asingivumeli ukuba ngiphendule lowo mbuzo ngokugcwele, kodwa ngicela ukunabela esinye sezifundo ezibalulekile engizifundile.

Ngifundile ukuthi icebo likaBaba oseZulwini ngathi liyamangalisa, ukuthi esikwenzayo kulempilo kubaluleke ngempela, nokuthi iNhlawulo yoMsindisi iyona eyenza isu likaBaba wethu lenzeke.1

Njengoba ngibambene nobuhlungu obukhulu obudalwe ukulimala kwami kwangamuva, ngizwe ukubonga okujulile ngoJesu Kristu kanye nesipho esingaqondakali seNhlawulo Yakhe. Cabanga ngakho! Umsindisi wezwa “izinhlungu nezinhlupheko kanye nezilingo zonke”2 ukuze Asiduduze, Asiphilise, Asikhulule ngezikhathi zokuswela.3 UJesu Kristu wachaza okwenzeka eGetsemane naseKalvari: “Lokho kuzwa ubuhlungu okwenza mina, ngisho uNkulunkulu uqobo, omkhulu kunabo bonke, ngiqhaqhazele ngenxa yobuhlungu, futhi ngophe kuzo zonke iziqu zoboya.”4 Ukulimala kwami kuye kwangenza ngacabanga ngokuphindaphindiwe “ngobukhulu boNgcwele ka-Israyeli. Ngesikhathi sokuphola kwami, iNkosi ibonakalisile amandla Ayo angcwele ngezindlela ezinokuthula nezingangabazeki.

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. September 30 - October 1, 2023. Pictures were taken in Peru.

EPeru

Ngenxa yeNhlawulo ephakade kaJesu Kristu, isu likaBaba wethu oseZulwini liyisu eliphelele!. Ukuqonda isu likaNkulunkulu elimangalisayo kususa imfihlakalo ekuphileni kanye nokungaqiniseki kwekusasa lethu. Kuvumela umuntu ngamunye kithina ukuba azikhethele ukuthi uyophila kanjani lapha emhlabeni nokuthi uyohlalaphi phakade. Umbono ongenasisekelo wokuthi kufanele “sidle, siphuze, sijabule, ngokuba kusasa siyakufa; futhi kuzosihambela kahle”6 ungomunye wamagama angenangqondo kakhulu endaweni yonke.

Nazi izindaba ezinhle zohlelo lukaNkulunkulu: zona kanye izinto ezizokwenza impilo yakho yasemhlabeni ibe ngcono kakhulu yizinto ezifanayo ncamashi nezizokwenza impilo yakho kulo lonke iphakade ibengcono kakhulu ! Namuhla, ukukusiza ukuba ufanelekele izibusiso ezicebile uBaba oseZulwini anazo ngawe, ngiyakumema ukuba uthathe inkambiso “yokucabanga isilestiyali”7 Ukucabanga isilestiyali kusho ukuba nomqondo womoya. Sifunda kumprofethi weNcwadi kaMormoni uJakobe ukuthi “ukuba nomqondo womoya kungukuphila okuphakade.”8

Isithombe
Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. September 30 - October 1, 2023. Pictures were taken in Utah.

E-United States

Impilo yasemhlabeni iyisigaba esiyinhloko ekufundeni ukukhetha izinto ezibaluleke kakhulu zaphakade. Abantu abaningi kakhulu baphila sengathi le mpilo iyikho konke. Nokho, izinqumo zakho namuhla ziyonquma izinto ezintathu: lapho uyohlala khona phakade, uhlobo lomzimba oyovuswa nawo, nalabo oyophila nabo phakade. Ngakho cabanga isilestiyali.

Enkulumweni yami yokuqala njengoMongameli weBandla, Nganigqugquzela ukuthi niqale ngokusekugcineni emqondweni. Lokhu kusho ukwenza umbuso wesilestiyali ube ilokho ophokophelela kukho phakade bese ucabangela ngokucophelela ukuthi isinqumo sakho ngasinye ngenkathi ulapha emhlabeni sizokubeka kuphi emhlabeni olandelayo.9

INkosi ifundise ngokusobala ukuthi ngamadoda kanye nabesifazane kuphela abahlanganiswe njengendoda nomfazi ethempelini, futhi abagcina izivumelwano zabo, abayoba ndawonye ingunaphakade. Wathi, “Zonke izivumelwano, izibopho, izifungo, izenzo, ukuxhumana, izinhlangano, noma okulindelwe, okungenziwanga futhi kwafakwa futhi kwaboshwa ngoMoya oNgcwele wesithembiso … kunesiphelo lapho abantu sebefile.10

Ngakho, uma ngokungahlakaniphi sikhetha ukuphila imithetho yetelestiyalimanje, sikhetha ukuvuswa ngomzimba we-telestial. Sikhetha ukungahlali nemindeni yethu ingunaphakade.

Ngakho, bafowethu nodadewethu abathandekayo, nifuna ukuphila kanjani futhi kuphi futhi nobani phakade? Uthola ukukhetha ngokakho.11

Uma wenza izinqumo, Ngiyakumema ukuthi uthathe umbono omude—umbono waphakade. Beka uJesu Kristu kuqala, ngoba ukuphila kwakho okuphakade kuncike okholweni lwakho Kuye kanye naseNhlawulweni Yakhe.12 Futhi kuncike ekulaleleni kwakho imithetho Yakhe. Ukulalela kukuvulela indlela yokuphila enenjabulo namuhla nomvuzo omkhulu, waphakade kusasa.

Lapho ubhekene nenkinga, cabanga isilestiyali! Lapho uvivinywa ngesilingo, cabanga isilestiyali! Lapho impilo noma obathandayo bekwenzela phansi, cabanga isilestiyali! Lapho othile eshona singafiki isikhathi, cabanga isilestiyali. Lapho othile egula isifo esibhuqayo, cabanga isilestiyali. Lapho izingcindezi zokuphila zikunqwabela, cabanga isilestiyali! Njengoba ululama engozini noma ekulimaleni, njengoba ngenza manje, cabanga isilestiyali!

Njengoba ugxile ekucabangeni isilestiyali, lindela ukuphikiswa13 Emashumini eminyaka edlule, uchwepheshe engangisebenza naye wangigxeka ngokuba “nethempeli eliningi” kimi, futhi abaphathi abaningi babengijezisa ngenxa yokholo lwami. Nokho, nginesiqiniseko ukuthi ukucabanga isilestiyali kwathuthukisa umsebenzi wami.

Njengoba ucabanga isilestiyali, inhliziyo yakho izoshintsha kancane kancane. Uzofuna ukuthandaza ngokwengeziwe njalo futhi ngeqiniso. Ngiyacela ungavumeli imithandazo yakho izwakale njengohlu lokuthenga. Umbono weNkosi udlula ukuhlakanipha kwakho okufayo. Impendulo Yakhe yemithandazo yakho ingakumangaza futhi izokusiza ukuthi ucabange isilestiyali.

Cabanga ngempendulo yeNkosi kuJoseph Smith ngenkathi ecela ukukhululeka ejele laseLiberty. INkosi yamfundisa uMprofethi ukuthi ukuphathwa kabi kwakhe kuzomnika ulwazi futhi kube yinzuzo kuye.14 “Uma ukubekezelela kahle,” kwathembisa iNkosi, “uNkulunkulu uyokuphakamisela phezulu.”15 INkosi yayifundisa uJoseph ukuthi acabange isilestiyali futhi abone ngeso lengqondo umvuzo waphakade kunokugxila ebunzimeni bosuku. Imithandazo yethu ingaba—futhi kufanele—ingxoxo ephilayo noBaba wethu oseZulwini.

Njengoba ucabanga isilestiyali, uzozithola ugwema noma yini ekwephuca ilungelo lokukhetha lakho Noma yikuphi ukulutheka—kungaba imidlalo, ukugembula, izikweletu, izidakamizwa, utshwala, intukuthelo, izithombe ezingcolile zocansi, ucansi, ngisho nokudla—kuyamcasula uNkulunkulu. Ngabe kungani kunjalo na? Ngoba ukuthatheka kwakho kuba unkulunkulu wakho. Ubheka kukho kunokuba ubheke kuYe ukuze uthole induduzo. Uma ulwa nokulutheka, funa usizo lokomoya nolochwepheshe oludingayo. Ngicela ungavumeli ukuthatheka kukuphuce inkululeko yakho yokulandela uhlelo lukaNkulunkulu olumangalisayo.

Ukucabanga isilestiyali nakho kuzokusiza ukuthi ulalele umthetho wobumsulwa. Zimbalwa izinto eziyokwenza ukuphila kwakho kube nzima ngokushesha ukwedlula ukwephula lo mthetho waphezulu. Kulabo abenze izivumelwano noNkulunkulu, ukuziphatha okubi kungenye yezindlela ezisheshayo zokulahlekelwa ubufakazi bakho.

Izilingo eziningi ezingapheli zesitha zibandakanya ukwephulwa kokuhlanzeka kokuziphatha kahle. Amandla okudala impilo yilungelo elilodwa lobunkulunkulu uBaba oseZulwini avumela abantwana Bakhe basemhlabeni ukuba balisebenzise. Ngakho, uNkulunkulu wabeka iziqondiso ezicacile zokusetshenziswa kwala mandla aphilayo, angwcele. Ukuhlangana ngokwenyama kungowesilisa nowesifazane abashadile kuphela.

Iningi lomhlaba alikukholelwa lokhu, kodwa umbono womphakathi awuwona umxazululi weqiniso. INkosi imemezele ukuthi akekho umuntu ongahlanzekile ozozuza umbuso wesilestiyali. Ngakho uma wenza izinqumo ngokuthinta ukuziphatha kahle, ngiyacela ukuthi ucabange isilestiyali. Futhi uma ubungcolile, ngiyakuncenga ukuba uphenduke. Woza kuKristu futhi uthole isithembiso Sakhe sokuthethelelwa okuphelele njengoba uphenduka ngokugcwele ezonweni zakho.16

Isithombe
Three young children sit together and watch a session of conference together. Part of a worldwide series of photographs taken in connection with General Conference. September 30 - October 1, 2023. Pictures were taken in Denmark.

EDenmark

Njengoba ucabanga isilestiyali, uzobuka izilingo nokuphikiswa ngendlela entsha. Uma umuntu omthandayo ehlasela iqiniso, cabanga isilestiyali, futhi ungangabazi ubufakazi bakho. Umphostoli uPawulu waprofetha ukuthi “ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezifundiso zamadimoni”.17

Asikho isiphetho sokukhohlisa kwesitha. Ngicela uzilungiselele. Ungathathi iziluleko zalabo abangakholwa. Funa isiqondiso emazwini ongawethemba—kubaprofethi, ababoni, kanye nabembuli kanye nokunyenyeza koMoya oNgcwele, “ozonikhombisa zonke izinto okufanele nizenze.18 Ngicela wenze umsebenzi womoya ukuze wandise amandla akho okuthola isambulo somuntu siqu.19

Njengoba ucabanga isilestiyali, ukholo lwakho luzokhula. Ngesikhathi ngisemusha, umholo wami wawungu-$15 ngenyanga. Ngobunye ubusuku, umkami uDantzel wabuza ukuthi ngangikhokha yini okweshumi ngaleyo mali encane. Ngangingakwenzi lokho. Ngaphenduka ngokushesha futhi ngaqala ukukhokha u-$1,50 owengeziwe wokweshumi kwanyanga zonke.

Ngabe kukhona okwahluka kwiBandla ngoba sandisa okweshumi kwethu? Cha akunjalo. Nokho, ukuba umkhokhi weshumi eligcwele kwangishintsha. Yilapho ngafunda khona ukuthi ukukhokha okweshumi kumayelana nokukholwa, hhayi imali. Njengoba ngaba umkhokhi weshumi eligcwele, amafasitela ezulu aqala ukungivulekela. Ngithi amathuba amaningana emisebenzi alandelayo avela ekukhokheni kwethu okweshumi ngokwethembeka.

Ukukhokha okweshumi kudinga ukholo, futhi kwakha ukholo kuNkulunkulu kanye neNdodana Yakhe eThandekayo.

Ukukhetha ukuphila impilo enhle ezweni eligcwele okuhlange nocansi nezombusazwe kwakha ukholo.

Ukuchitha isikhathi esiningana ethempelini kwakha ukholo. Futhi ukusiza kwakho nokudumisa kwakho ethempelini kuzokusiza ucabange isilestiyali. IThempeli liyindawo yesambulo. Lapha uyaboniswa ukuthi ungathuthukela kanjani ubheke empilweni yasezulwini. Lapha usondezwa eduze noMsindisi futhi unikezwe ukufinyelela okukhulu emandleni Akhe. Lapha uqondiswa ekuxazululeni izinkinga empilweni yakho, ngisho nezinkinga zakho ezixaka kakhulu.

Izimiso kanye nezivumelwano zethempeli zinokubaluleka okuphakade. Siyaqhubeka nokwakha amathempeli amaningi ukwenza lawa mathuba angcwele abe into ekhona ezimpilweni zenu umuntu ngamunye. Siyabonga ukumemezela izinhlelo zethu zokwakha ithempeli endaweni ngayinye kwezingu-20 ezilandelayo:

  • laseSavai’i eSamoa

  • laseCancún , eMexico

  • lasePiura ePeru

  • laseHuancayo , ePeru

  • laseViña del Mar , eChile

  • laseBrasilia, eBrazil

  • laseJoão Pessoa , eBrazil

  • laseCalabar , eNigeria

  • laseCape Coast , eGhana

  • laseLuanda e-, Angola

  • laseMbuji-Mayi eDemocratic Republic yaseCongo

  • laseLaoag eFiliphi

  • lase-Osaka , eJapan

  • laseKahului, nelaseMaui, eHawaii

  • laseFairbanks, e-Alaska

  • laseVancouver eWashington

  • laseColorado Springs eColorado

  • laseTulsa, e-Oklahoma

  • laseRoanoke eVirginia

  • lase-Ulaanbaatar, eMongolia

INkosi isiyala ukuthi sakhe lawa mathempeli ukuze asisize sicabange isilestiyali. UNkulunkulu uyaphila! UJesu unguKristu. IBandla Lakhe selibuyisiwe ukuze libusise bonke abantwana bakaNkulunkulu. Ngiyafakaza ngalokho egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.

Amanothi

  1. Bheka uNgokukaJohane 6:38.

  2. Alima 7:11

  3. Bona u Alima 7:12.

  4. IMfundiso neziVumelwano 19:18

  5. 2 Nefi 9:40.

  6. 2 Nefi 28:7.

  7. Kungase kubonakale kulula ukuphenduka nokuthuthuka ngokomoya lapha, lapho umoya wethu uhlangene nomzimba wethu, kunasezweni elilandelayo phakathi nesikhathi sokufa nokuvuswa kwethu. Njengoba u-Amuleki afundisa amaZoramu ahlubukayo, “lempilo iyisikhathi … ukuthi bazilungiselele ukuthi bahlangane noNkulunkulu” (bheka u Alima 34:32–35).

  8. 2 Nefi 9:39.

  9. Bheka u Mosiya 4:30, lapho iNkosi uBenjamini iyala abantu bayo, “uma ningazibheki, kanye nemicabango yenu, kanye namazwi enu, kanye nezenzo zenu, futhi niqaphele imiyalelo kaNkulunkulu, futhi niqhubeke okholweni … , kufanele nibhubhe.”

  10. IMfundiso neziVumelwano 132:7; kwengezwe ukugcizelela.

  11. Kunjalo, ilungelo lokukhetha lakho alikwazi ukweqa ilungelo lokukhetha lomunye kanye nemiphumela elandelayo. Ngase ngifisa ukuboshwa kubazali bami. Nokho, kwadingeka ngilinde baze bakhethe ukumbathiswa, lapho sebeneminyaka engaphezu kuka-80 ubudala. Bese ke baboshwa njengendoda nomfazi, futhi thina zingane sase siboshwa kubo

  12. Imibhalo engcwele ifakaza kaningi ukuthi isipho sokuphila okuphakade singenzeka kuphela ngobuhle, kanye nomusa woMsindisi uJesu Kristu (bheka, isibonelo, ku Moroni 7:41; bheka futhi u 2 Nefi 2:6–8, 27).

  13. Bheka ku 2 Nefi 2:11.

  14. Bheka IMfundiso Nezivumelwano 122:7.

  15. IMfundiso neziVumelwano 121:8.

  16. Bheka ku Isaya 1:16–18; IMfundiso neziVumelwano 58:42-43.

  17. 1 Thimothewu 4:1. Ivesi elilandelayo liyaqhubeka, “Ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo” (ivesi 2). UPawulu wamemezela nokuthi bonke “abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKristu uJesu, bayakuzingelwa” (2 KuThimothewu 3:12)

  18. 2 Nefi 32:5; kwengezwe ukugcizelela. Uma siyocela, “singanikwa isambulo phezu kwesambulo, ulwazi phezu kolwazi” (iMfundiso neziVumelwano 42:61).

  19. URussell M. Nelson, “Reveletion for the Church, Revelation for Our Lives,” i-Ensign noma Liyahona, yangoMeyi 2018, 96.

  20. Lokhu akusho ubudlelwano bembangela-nomphumela. Abanye abangakukhokhi okweshumi bathola amathuba omsebenzi, kuthi abanye abakukhokhayo okweshumi abawatholi. Isithembiso ngesokuthi amafasitela asezulwini ayovulelwa okhokha okweshumi. Ubunjalo bezibusiso buyohluka.

Shicilela