Ngo-2023
Umngane Wethu Wanjalo
NgoNovemba 2023


Umyalezo Wanyanga Zonke we Liyahona yangoMeyi 2023

Umngane Wethu Wanjalo

Okucashuniwe

Isithombe
omunye umbhalo

Sidinga, futhi nawe uzodinga, ubungani obuqhubekayo bukaMoya oNgcwele. Manje, siyakufisa, yize sazi ngesidlule kukho ukuba akulula neze ukukufeza. Sonke siyacabanga futhi sisho siphinde senze izinto ezimpilweni zethu zansuku zonke ezingacasula uMoya.

Lapho lokho kwenzeka, njengoba kuzokwenzeka, singase sizwe ukungamukeleki eNkosini. Futhi singase silingeke ukuba sizizwe sisodwa. …

Uma uzithola unobunzima bokuzwa uMoya oNgcwele, ungazindla ukuthi kukhona yini ongaphenduka kukho futhi uthole intethelelo. Ungathandaza ngokholo ukuze wazi ukuthi yini okumele uyenze ukuze uhlanzwe futhi ngaleyo ndlela ucishe ufanelekele lobo budlelwane obuqhubekayo boMoya oNgcwele.

Uma ufuna ukuthola ubungani bukaMoya oNgcwele, kufanele ubufune ngezizathu ezifanele. Izinhloso zakho kumele kube izinhloso zeNkosi. Uma izisusa zakho ziwubugovu kakhulu, uzokuthola kunzima ukwamukela kanye nokuzwa ukugqugquzelwa nguMoya.

Okumqoka kimina kanye nawe ukufuna lokho uMsindisi akufunayo. Izisusa zethu zidinga ukuqhutshwa uthando olumsulwa lukaKristu. …

… UMoya oNgcwele uyathunyelwa kumalungu esivumelwano athembekile eBandla likaJesu Kristu. Manje, ozodlula kukho kuzohluka, futhi uMoya uzokuqondisa ngendlela efanele ukholo lwakho kanye namandla okuthola isambulo sakho kanye nalabo obathandayo futhi nobakhonzayo. Ngithandaza ngenhliziyo yami yonke ukuthi ukuzethemba kwakho kuzokhula.

Shicilela