Ngo-2010
Incwadi KaMomoni Yami
Septhemba 2010


Intsha

Incwadi KaMomoni Yami

NgoAgasti 2005, ngenkathi uMongameli uGordon B. Hinckley (1910–2008) ekhipha umsebenzi onzima kumalungu eBandla ukuba bafunde incwadi kaMomoni ngaphambi kokuphela konyaka, ngazithembisa mina ukuthi ngizoyifunda yonke incwadi.. Ngangi nolwazi ngezinganekwane encwadini kaMomoni kepha angizange ngifunde yonke ngokuphelele ngalena. Manje ngizimisele ukugcina isithembiso sami.

Ngafundiswa ukuba ngisebenzise incwadi engcwele empilweni yami futhi ngiyenze ibe ngeyami. Ngakho-ke njengoba , Ngifunda ngabhala eceleni kwamakhasi ngalokho engangikucabanga ngomqondo obalulekile walelokhasi. Ngangidwebela futhi amagama aphinda phindiwe kanye nemishwana ukubonisa ukugqhizelela.

Ngabeka igama lami eduzane namagama encwadini engcwele ukuze ngikhumbule ingisize ukuthi izwi likaNkulunkulu elikhulume kwabanye lingaba yizwi elikhulume nami. Isibonelo kanje, ku 2 Nefayi 2:28 Ngabhala igama lami: “Futhi manje, [Hillary], Ngizofuna ukuthi ubheke kuMehluleli omkhulu, futhi ulalele imiyalelo yakhe emikhulu” Uma ngilokhu ngenza incwadi kaMomoni ibe ngeyami, ngiba nokujabula okukhulu ngokuyifunda nsuku zonke.

Njengoba ngifunda nsuku zonke imithandazo yami yaba nokuzwela futhi yaba yimina. Ngangikwazi futhi ngibheke emakilasini ami futhi ngilandela okushiwo nguMoya ukuthi ngikwazi ukusiza abanye. Ngobusuku bokugcina bonyaka, ngayiqeda incwadi kaMomoni.

Ngase ngiyaqonda ukubaluleka kokufunda incwadi yonke kaMomoni, kanye nezinye izincwadi ezingcwele, futhi ngifuna ukwenza njalo isikhathi esiningi kakhulu empilweni yami.

Shicilela