Ngo-2010
Incwadi kaMomoni njengeBhuku Lami Elikhombisa Indlela
Septhemba 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, Septemba 2010

Incwadi kaMomoni njengeBhuku Lami Elikhombisa Indlela

Thina sonke, ezikhathini zethu ezingcono, zokulangazelela ukubuyela ekhaya sihlale noNkulunkulu. Wasipha isipho sendodana Yakhe ethandiweyo njengo Msindisi wethu ukuphemba indlela nokufundisa thina ukuthi silandele kanjani. Wasipha abaprofethi ukukhombisa indlela. uMprofethi uJoseph Smith wakhuthazwa ukuba ahumushe amarekhodi wabaprofethi Incwadi kaMomoni. Iyigayidi yethu eqinisekile esendleleni yasekhaya eya kuNkulunkulu.

uJoseph Smith wathi ngalencwadi enhle kakhulu, “Ngabatshela abafowethu ukuthi incwadi kaMomoni kwakuyincwadi ebhaleke kahle emhlabeni, futhi neyisisekelo senkolo yethu, nokuthi umuntu angasondela kuNkulunkulu ngokulandela okushiwo kuyona, kunezinye izincwadi.”1

Okushiwo yincwadi kaMomoni kuyimiyalelo kaNkulunkulu esiyitholayo kuyo. Eminye iyimiyalelo eqondile ebuya kuMsindisi ngokusebenzisa abaprofethi ukuthi kumele senzeni nokuthi kumele sibe yini. Incwadi kaMomoni isinika isibonelo soMsindisi ukuthi sikhulise ukholo lwethu nokulangazelela ukulalela imiyalelo Yakhe yokuba silandele Yena. Incwadi igcwele imithetho kaKrestu ukuba isikhombise thina indlela. Nasi isibonelo esiphuma ku 2 Nefayi:

“[uJesu] wathi kubantwana babantu: Ngilandeleni. Ngakho-ke, bafowethu abathandekayo, singamlandela uJesu ngokusinda sizovuma ukugcina imiyalelo kaBaba?

“Futhi wathi UBaba: Phendukani, phendukani, nibhabhadiswe egameni lendodana yami ethandekayo” (2 Nefayi 31:10–11).

Incwadi ibeka ngokusobala ukuthi kumele sithole uMoya oNgcwele njengomlilo nokubhabhadisa ukusisiza sihlale endleleni eqondile futhi encane. Siyafundiswa ukuthi kufanele sithandaze egameni lika Krestu, hhayi engacacile kahle, futhi uma senza njalo sinalesithembiso “Ngalokho, kumele siphokophele ukuya phambili ngokuqinileyo kuKrestu, sibe nethemba eliphelele eliqhakazile, kanye nothando lukaNkulunkulu nolwabantu bonke. Ngalokho-ke, uma niphokophele ukuya phambili, nidla izwi likaKrestu, futhi nibekezela kuze kufike ekugcineni, qaphelani, kusho kanjena uBaba: Nizakuba nokuphila okunaphakade” (2 Nefayi 31:20).

Incwadi kaMomoni ikubeka ngokusobala entshumayelweni enhle kakhulu yeNkosi uBenjamini ukuthi kushoni ukuba nothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke. Uma indalo yethu iguquka ngamandla okwahlulelwa kanye nokulalela okuthembekileyo kwimiyalelo sizogcwaliswa ngothando lukaNkulunkulu (bona uMozaya 4:1–12).

Incwadi kaMomoni futhi isinika ukuzethemba ukuthi singahlanzeka kakhulu kulempilo ukuthi singabi nokulangazelela okukhulu ukwenza izinto ezimbi (bona uMozaya 5:2). Lelithemba liyasiqinisa futhi liyasiduduza ngoba uSathani uyazama ukusilinga futhi singabi nethemba endleleni yethu.

Njalo uma ngifunda noma imigqa embalwa encwadini kaMomoni, ngizizwa nginobufakazi obululiwe bokuthi incwadi iyiqiniso, nokuthi uJesu unguKrestu, nokuthi singamlandela ukuya eKhaya, nokuthi singathatha labo esibathandayo siye ekhaya nabo. Kimina bekuyincwadi ezincwadini. Liyizwi lika Nkulunkulu.

Ngiyathandaza ukuthi thina nabobonke esibathandayo bazophuza ngokujulileyo, nansuku zonke kuyo. Ngiyafakaza egameni likaJesu Krestu ukuthi iyincwadi esibonisayo eyiqiniso.

Amanothi

  1. Izimfundiso zaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 64.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

“Uma sisebenzisa izincwadi ezingcwele kanye namagama wabaprofethi bezinsuku zokugcina njengomnyombo wonke wokufundisa kwethu, simema uMoya ukuba ube ngufakazi. Lokhu kusilethe ekufundiseni “amandla kaNkulunkulu kubantu abavumayo’(D&C 11:21)” (Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu [1999], 51). Cabanga ufunde okubalulekile okuvela emlayezweni, kaMongameli uEyring, ufake futhi isitatimende sika Joseph Smith ngencwadi kaMomoni. Mema amalungu omndeni ukuba nabelane ngokuthi ningaphila kanjani ngemfundiso etholakala encwadini kaMomoni nokuthi ingabasiza kanjani ukuba basondele eduzane noNkulunkulu.

“Uma abafundi bexoxa ngemithetho evela encwadini engcwele, bathola amakhono abawadingayo maqondana nokufunda incwadi engcwele ngokwabo.” (Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu, 54). Cabanga ngokufunda incwadi engcwele ekukhonjisweni kuyona kulomlayezo bese ubheka futhi uxoxe ngemithetho efundiswayo.

Shicilela