Ngo-2011
Akekho Lapha, Kepha Uvukile
Apreli 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uApril 2011

Akekho Lapha, Kepha Uvukile

Namuhla kusele izakhiwo ezimoshekile kwindlu edilikile yaseCapernaum, lelo dolobha eliseduzane nomfula, kusenhliziyweni yobufundisi bukaMsindisi waseGalile. Lapha Washumayela endlini yesonto lamaJuda, wafundisa eduzane nolwandle, futhi elapha emakhaya.

Ekuqaleni kwemfundiso yobuKrestu Yakhe, uJesu wathatha umbhalo kuIzaya: “Umoya weNkosi uNkulunkulu uphezu kwami; ngokuba iNkosi igcobe mina ukuba ngishumayele izindaba ezilungile kulabo abazithobileyo; ungithumile ukuba ngihlanganise labo izinhliziyo zabo eziphukile, ukushumayela inkululeko kulabo ababoshiwe, futhi nokuvula ijele kulabo ababanjiwe” (Izaya 61:1; bona futhi uLuka 4:18)—ukuphimisela okusobala kweplani elihle lokusindisa amadodana kanye namadodakazi kaNkulunkulu.

Kepha ukushumayela kukaJesu eGalile kwakuyisiqalo nje. iNdodana yoMuntu yayisoloku njalo inokusaba ukuhlangana nokuqhubeka entabeni eyayibizwa ngokuthiwa iGolgotha.

Waboshwa eNsimini yaseGethsemane emva kweSidlo Sokugcina, elahlwe ngabalandeli Bakhe, owakhafulelwa, bazama futhi bamphoxa, uJesu wabhadazela ngaphansi kwesiphambano Sakhe esikhulu ukuya eKhalvari. Waqhubeka kusukela ekunqobeni ukuya ekukhohlisweni, ukuzwa ubuhlungu, futhi nokufa esiphambanweni.

Emagameni eculo, “Idolobha Elingcwele”:

Isehlakalo sashintshwa. …

Ukusa kwakubanda futhi kumakhaza,

Njengomthunzi wesiphambano uphakama

Phezu kwentaba yesithukuthezi.1

Kithina uBaba wethu waseZulwini wanikela ngeNdodana Yakhe. Kithina uMfowethu Omdala wanikela ngeMpilo yakhe.

Ngesikhathi sokugcina uThisha ubengabuyela emuva. Kodwa Azange. Waphumelela kuzinto zonke ukuthi Angahle asindise izinto zonke: isizwe sabantu, umhlaba, futhi nayo yonke impilo eke yabakhona.

Akukho magama kubuKrestu asho okuningi kimina kunalawo akhulunywe yingelosi kuMary Magdalene owakhala futhi nomunye uMary njengoba besondela ethuneni ukuyonakekela umzimba weNkosi yabo: “Yingani nifuna yena kulabo abafileyo? Akekho lapha, kepha Uvukile” (uLuka 24:5–6).

Ngalesenzo, labo abaphila futhi asebafa, labo abaphilayo manje futhi ngelinye ilanga bazakufa, futhi nalabo abangakazalwa futhi abangakafi basindisiwe.

Njengomphumela wokunqoba kukaKrestu ethuneni, sonke sizakuvuka kwabafileyo. Lokhu kuyinsindiso yomphefumulo. uPaul wabhala kanjena:

“Kune … imizimba embusweni wezulu, futhi nemizimba embusweni womhlaba: kepha udumo lombuso wezulu lunye, futhi udumo lombuso womhlaba ngolunye.

“Kunodumo olodwa lwelanga, futhi nodumo olunye lwenyanga, futhi nolunye udumo lwezinkanyezi: udumo lwenkanyezi ngayinye luhlukile kunodumo lwenye inkanyezi

“Futhi kunjalo nokuvuka kwabafileyo” (1 AbaseKhorinte 15:40–42).

Udumo lombuso wezulu yilo esilufunayo. Isifiso sethu ukuhlala noNkulunkulu. Umndeni ongunaphakade esifuna ukuba sibengamalungu wawo.

Loyo Yena waletha omunye nomunye wethu ekufeni okungapheliyo, Ngibeka ubufakazi bami Ngomfundisi weqiniso—kepha Omkhulu ukwedlula uthisha. Uyisibonelo sempilo ephelele du—kepha Mkhulu ukwedlula isibonelo. Ungudokotela omkhulu—kepha Mkhulu ukwedlula udokotela. Umgumsindisi womhlaba weqiniso, iNdodana kaNkulunkulu, Inkosana yoXolo, yena Ongcwele waseIsrayeli, kanye neNkosi eyavuka, owamemezela, “Ngingowokuqala futhi nowokugcina; Nginguye ophilayo; Ngiwulowo owabulawa; Ngingummeli wakho kuye uBaba” (D&C 110:4).

“Oh, imnandi injabulo elethwa yilesisho: ‘Ngiyazi ukuthi umsindisi wami uyaphila!’”2

Ngalokhu Ngibeka ubufakazi

Amanothi

  1. uFrederick E. Weatherly, “Idolobha Elingcwele” (1892).

  2. “Ngiyazi Ukuthi uMsindisi Wami Uyaphila,” Amaculo, no. 36.

Ukufundisa ngalo Mlayezo

Abothisha abalungile bagqugquzela ubumbano kulabo ababafundisayo. Njengoba abantu babelana nemicabango futhi balalele umunye nomunye ngenhlonipho, abajabuleli kuphela ukuba sendaweni yokufunda elungileyo kepha futhi ibenza babemunye kakhulu (bona Teaching, No Greater Call [1999], 63). Ubumbano luzakhula kulabo obafundisayo njengoba wena nabo nibeka ubufakazi ngokuzithoba ngokuHlawulelwa kukaJesu Krestu kanye Nokuvuka Kwakhe Kwabafileyo. Lobumbano lungasiza imindeni ilandele ukukhansela kukaMongameli ukuba “imindeni engunaphakade.”

Shicilela