Ngo-2011
Injongo yeNhlangano Yabesimame Ekhululekile
Apreli 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uApril 2011

Injongo yeNhlangano Yabesimame Ekhululekile

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Ngenkathi ubumongameli bethi bubizwa kuqala, sinikezwa izinto eziwusizo ngomlando weNhlangano Yabesimame Ekhululekile. Sazifunda ngomthandazo, sifuna ukwazi ngenjongo Yenhlangano Yabesimame Ekhululekile futhi ukuba yini leyo iNkosi ezofuna siyenze. Safunda ukuthi injongo yeNhlangano Yabesimame Ekhululekile njengoba yasungulwa yiNkosi ukuhlanganisa, ukufundisa, futhi nokugqugquzela amadodakazi Akhe ukuba alungiselele izibusiso zempilo engunaphakade.

Ukufeza lenjongo Yenhlangano Yabesimame Ekhululekile, iNkosi inikeze igunya odade ngamunye kanye nebandla ngokuphelele ukuba:

  1. Yandisa Ukholo kanye Nokulunga Kwakho.

  2. Qinisa imindeni kanye namakhaya.

  3. Nikeza usizo ngokusebenzela iNkosi kanye nezingane Zakhe.

Singenza lomsebenzi ngendlela yeNkosi kuphela uma sifuna, sithola, futhi sisebenzela kwisambulo sethu. Ngaphandle kwesambulo sethu, asisoze saphumelela Uma silalela isambulo sethu, asisoze sahluleka. uMprofethi uNefayi usiyala ukuthi uMoya Ongcwele uzasibonisa “zonke izinto lezo [thina] okumele sizenze” (2 Nifayi 32:5). Kumele sivumele thina ukuba sime ngokwanele futhi sithule ngokwanele ukuba silalele izwi loMoya.

Bodade, sinendima ebalulekileyo ekumele siyidlale ekusizeni ukwakha umbuso kaNkulunkulu futhi silungiselele ukuza kweNkosi. Ngokweqiniso, umsebenzi weNkosi ngeke wafezeka ngaphandle kosizo lwamadodakazi Akhe. Ngalokho-ke, iNkosi ilindele thina ukuba sikhuphule iminikelo yethu. Ulindele thina ukuba sifeze injongo yeNhlangano Yabesimame Ekhululekile njengakaze kwenzeka ngaphambilini.

uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wabesimame Benhlangano Ekhululekile.

Kuvela embhalweni Ongcwele

Deuteronomy 6:5–7; uLuka 10:30–37; James 1:27; 2 uNefayi 25:26; uMozaya 3:12–13

Kuvela Emlandweni Wethu

Ngomhlaka June 9, 1842, emhlanganweni Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile, uMprofethi uJoseph Smith wafundisa odade ukuthi inhlangano yabo “yayingenzelwanga ukusiza abampofu kuphela, kepha ukusindisa imphefumulo.”1 Lesitatimende sangamoya futhi nenjongo yesikhashana yehlukanise Inhlangano Yabesimame Ekhululekile kunezinye sonke isikhathi emlandweni wayo . Phakathi ko 1906 uMongameli uJoseph F. Smith (1838–1918) wafundisa: “[Inhlangano Yabesimame Ekhululekile] ayizange ibhekane nezidingo zabampofu kuphela, abagulayo, abaswele, kepha ingxenye yomsebenzi wayo—kanye nengxenye enkulu, futhi—ukunakekela isimo somoya senhlalo kahle futhi nensindiso yabomama kanye namadodakazi eZayoni; ukubona ukuthi abekho abanganakiwe, kepha bonke bavikelekile ekubhekaneni namashwa, inhlekelele, amandla obumnyama, kanye nobubi okusabisa bona kulomhlaba.2 Phakathi ko2001 Igosa uM. Russell Ballard wekhoramu Yabapostoli Beshumi Nambili. Waphinda wakusho “Wonke udade kuleBandla owenza isivumelwano neNkosi unelungelo elikhulu ukusiza ukusindisa imiphefumulo, ukuhola abasifazane balomhlaba, ukuqinisa amakhaya waseZayoni, futhi nokwakha umbuso kaNkulunkulu.”3

Amanothi

  1. uJoseph Smith, ku Mlando weBandla, 1:78.

  2. Izifundiso zabaProfethi beBandla: Joseph F. Smith (1998), xiv, 21–22

  3. M. Russell Ballard, “Abesifazane Abalungileyo,” iLiahona, Dec. 2002, 39.

Ngingenzenjani?

  1. Ugqugquzelo luphi engiluzuzile ukusiza odade bami baphakame ngokholo kanye nokulunga kwabo futhi nokuqinisa imindeni kanye namakhaya abo? Usizo Olunjani Engingalunika?

  2. Ngingawusebenzisa kanjani lomlayezo ukuba ngiqinise ukholo lwami kanye nokukhulisa ukuzibophezela kwami kokulunga kwami.

Shicilela