Ngo-2011
iThempeli eliNgcwele—liwukuKhanya Emhlabeni
Meyi 2011


iThempeli eliNgcwele—liwukuKhanya Emhlabeni

Kukho konke okubalulekile kanye nomqhele wezibusiso wokuba yilungu eBandleni yizibusiso esizitholayo emathempelini kaNkulunkulu.

Bafowethu nodade wethu abathandekayo, ngelula uthando lwami kanye nokubingelela kinana nithandaze ukuthi uBaba wethu waseZulwini uzongihola ngomqondo wami futhi akhuthaze amazwi ami njengoba ngikhuluma nani namuhla.

Mangiqale ngokuphawula okunye noma okubili maqondana nemilayezo emihle esiyizwile ekuseni kwanamhlanje evela kudade uAllred kanye noBhishobhu uBorton nabanye maqondana nohlelo kwezenhlala kahle eBandleni. Njengoba kukhonjisiwe, lonyaka simaka ianivesari ye 75 yalohlelo oluvusa ugqozi,`busise izimpilo zabantu abaningi. Kwakuyilungelo lami ukwazi ngokwami labo abasukela umsebenzi omkhulu kangaka abangamaphayoniya—amadoda anozwelo futhi acabangela phambili.

Njengoba bobabili uBurton noDade uAllred kanye nabanye ababaliwe, ubhishobhu wewodi unikeziwe igunya lokubheka labo abasweleyo abahlala ngaphakathi kumngcele kwewodi yakhe. Kwakunjalo-ke ngenkathi ngengamele njengombhishobhu osemusha eSalt Lake City ewodini elingaphezulu kuka 1,080 wamalungu, kukhona nabafelokazi abangu 84. Babebaningi abadinga usizo. Nganginokubonga okukhulu ngenxa yohlelo lwezenhlalakahle eBandleni kanye nosizo lweNhlangano Yabesimame Ekhululekile futhi namakhorami obupristi.

Ngisho ngokungangabazi ukuthi uhlelo lwezenhlalakahle leBandla likaJesu Krestu Labangcwele bezinsuku Zokugcina ligqugquzelwe uNkulunkulu onamandla.

Manje, bafowethu kanye nodade bethu, lenkomfa imaka iminyaka emithathu kusukela lapho ngasekwa njengoMongameli weBandla. Ngempela bekuneminyaka ephithizelayo, egcwele izivivinyo kepha futhi nezibusiso eziningi. Ithuba lelo enginalo ukubusisa nokubusisa kabusha amathempeli kuyekwaba esithokozisayo kanye nesingcwele sezibusiso, ngifisa ukukhukuluma nani ngokuphathelene nethempeli namhlanje.

Ngesikhathi senkomfa kawonke wonke kaOkthoba 1902, uMongameli weBandla uJoseph F. Smith wakhuluma kwinkulumo yakhe ngethemba lokuthi ngelinye ilanga sizokuba “namathemepeli akhiwe kwizindawo ezihlukahlukene [zomhlaba] lapho adingeke ukusiza abantu.”1

Ngesikhathi seminyaka yokuqala engu 150 elandela ukuhlanganiswa kweBandla, kusukela ngo 1830 kuya ku1980, amathempeli angu 21 akhiwa, kubalwa nethempeli laseKirtland, Ohio, kanye neNauvoo, Illinois. Qathanisa lokho neminyaka engu30 kusekela ngo1980, ngesikhathi lapho amathempeli angu115 akhiwa futhi abusiswa. Ngalesimemezelo sayizolo samathempeli amathathu asemasha, kukhona amathempeli angeziwe angu26 asakhiwa noma aseqediwe ukwakhiwa. Lezinombolo zizoqhubeka zikhule.

Injongo uMongameli uJoseph F. Smith owayekufisa ngo 1902 kwenzeka ngempela namuhla. Izifiso zethu ukwenza ithempeli litholakale kumalungu ethu ngokufanele.

Enye yamathempeli okwamanje isakhiwa iseManaus, eBrazil. Eminyakeni eminingi edlulile ngafunda ngeqembu lamalungu angaphezulu kwekhulu asuka eManaus, baya endaweni ephakathi nehlathi iAmazon, ehamba eya lapho kwakuyithempeli eliseduzane, elalise São Paulo, eBrazil—cishe 2,500 yamamayili (4,000 km) ukusuka eManaus. Labo abaNgcwele abakholwayo bahamba ngomkhumbi izinsuku ezine emfuleni iAmazon kanye nemingenela yakhona. Emva kokuphela kohambo lolu ngamanzi, bagibela amabhasi izinsuku ezinye ezintathu zohambophezukwe zindlela ezinamagquma, nukudla kukuncane okumele bakudle, futhi kungekho nandawo ethokomele yokulala. Emva kwezinsuku eziyisikhombisa nobusuku bafinyelela ethempelini e São Paulo, lapho imimiselo yaphakade ngemvelo yenzelwa khona. Nangempela uhambo lwabo lokubuya lwalunzima. Nomakunjalo, babethole imimiselo kanye nezibusiso zethempeli, futhi nomake izikhwama zabo zingenalutho bona ngokwabo babegcwele umoya wethempeli kanye nokubonga ngezibusiso abazitholile.2 Manje-ke, eminyakeni eminingi elandelayo, amalungu ethu eManaus ayajabula uma ebona ithempeli labo libumbeka emngceleni weRio Negro. Amathempeli aletha injabulo kumalulungu ethu athembekileyo noma kuphi lapho akhiwe khona.

Imibiko yokuzinikela ukuze kutholakale izibusiso ezitholakala emathempelini kaNkulunkulu kuphela iyohlala ithinta inhliziyo yami futhi iletha kimi ukuvuselela kabusha komqondo wokubonga ngamathempeli.

Make ngabelane nani ngokuchaza kabanzi ngoTihi kanye noTararaina Mou Tham kanye nezingane zabo ezingu10. Umndeni wonke wangena eBandleni masishane ngo1960, ngenkathi abafundisi bezenkolo befika esiqhingini sabo esisendaweni engu 100 wamamayili (160 km) eningizimu yeTahiti. Maduzane-nje base beqala ukufisa izibusiso zokuhlanganiswa komdeni ingunaphakade ethempelini.

Ngaleso sikhathi ithempeli ebeliseduzane nomndeni wakwa Mou Tham kwakuyithempeli laseHamilton New Zealand, amamayili angaphezulu kuka 2,500 (4,000 km) ngaseningizimu yentshonalanga elitholakala kuphela ngokuhamba ngendiza ebizayo. Umndeni omkhulu kaMou Tham, owawuphila ngemali encane epulazini elincane, ungenamali yokukhokha indiza mshini noma ithuba lokuthola umsebenzi esiqhingini sabo sasePhasefiki. Ngakho-ke umfo uMou Tham kanye nendodana yakhe uGerard benza isinqumo esinzima ukuba bahlangane nenye indodana eyayisebenza ezimayini zenikheli eNew Caledonia, amamayili angu 3000 (4,800 km) ukuya entshonalanga. Umqashi wayekhokhela abasebenzi bakhe imali eyanele ukuya ezimayini kepha engabaniki imali noma indlela yokubuyela ekhaya.

Bebathathu abafo bakwa Mou Tham basebenza iminyaka emine ezimayini zenikheli, bemba futhi belayisha i-ore. Umfo uMou Tham eyedwa wabuyela ekhaya ukuyovakasha okwesikhashana njalo ngonyaka, eshiya amadodana akhe eNew Caledonia.

Emva kweminyaka emine yokusebenza kanzima, uMfo Mou Tham kanye namadodana akhe alondoloza imali eyanele ukuthatha umndeni uye eThempelini lase New Zealand. Bonke bahamba, ngaphandle kwendodakazi eyodwa. Baya ukuhlanganiswa okwesikhathi kanye naphakade, isifundo esaba injabulo abangeke bayichaza.

Umfo uMou Tham wabuyela esuka ethempelini eya eNew Caledonia, lapho ayesebenza khona iminyaka engaphezulu kwemibili ukuze abhadalele indodakazi yakhe eyodwa engazange ithole ithuba lokuya nomndeni ethempelini—indodakazi yakhe eshadile nengane kanye nomnyeni.

Eminyakeni ezayo Umfowethu kanye noDade uMou Tham baba nogqozi lokusebenza ethempelini. Ngesikhathi ithempeli iPapeete Tahiti lakhiwe futhi labusiswa, basebenza ebufundisini kabili.3

Bafowethu kanye nodade, amathempeli angaphezulu kwetshe kanye nodaka. Agcwele ukholo kanye nokuzila ukudla. Akhiwe ngezilingo kanye nobufakazi. Angcwelisiwe ngeminikelo kanye nangomsebenzi.

Ithempeli lokuqala ukuba elakhiwa kulesikhathi samanje kwakuyithempeli iKirtland, Ohio. Abangcwele ngaleso sikhathi babehlupheka, futhi-ke iNkosi yabayala ukuthi bakhe ithempeli, ngokunjalo balakha. Kwabhala iGosa uHeber C. Kimball owayenolwazi, “iNkosi yiyona eyaziyo izindawo ezihluphekileyo, izilingo kanye nokuhlukumezeka kwengqondo esidlula kuyo ukuze sizifeze.”4 Futhi, emva kwakho konke lokhu okubuhlungu okuphelile, Abangcwele baphoqeleka ukuba bashiye iOhio kanye nethempeli labo abalithandayo. Bagcine beyitholile indawo yokucasha—noma-ke kuzoba okwesikhashana—maduzane nomfula iMississipi esendaweni Illinois. Bayibiza indawo yabo yokuhlala ngokuthi iNauvoo, futhi bazimisele ukunika konke kwabo futhi kanye nokholo lwabo kuhlangene, bakhala uNkulunkulu wabo elinye ithempeli. Ubandlululo lwabanolaka, kepha, futhi Ithempeli iNauvoo kuseduzane liphele, baxoshwa emakhaya abo futhi, bafuna indawo yokucasha phakathi ogwadule.

Ukuthwala kanzima kanye nokuzinikela kwaqala futhi njengoba besebenza iminyaka engu40 ukwakha Ithempeli iSalt Lake, elime ngobukhulu endaweni eseningizimu kulabo bethu abakhona lapha namuhla Kwisakhiwo Senkomfa.

Ukuzinikela okuthize njalo kwakufaniswa nokwakhiwa kwethempeli kanye nethempelini. Singabali labo abasebenze kanzima futhi bathwala kanzima ukuze bathole ngokwabo kanye nemindeni yabo izibusiso ezitholakala emathempeli kaNkulunkulu.

Yingani abaningi bayavuma ukuba banikele kakhulu ukuze bathole izibusiso zethempeli? Labo abaqondayo izibusiso zaphakade ezivela ethempelini bayazi ukuthi akuna kuzinikela okukhulu, akhukho nani eliphezulu kakhulu, noma ukuthwala kanzima okukhulu ukuze uthole lezo zibusiso. Akuzange kubekhona amamayili amaningi okuhamba, izithibe eziningi ukuzinqoba, noma ukungaphatheki kahle okuningi ukuba ubekezele. Bayaqonda ukuthi imithetho esindisayo etholakala ethempelini esivumelayo ukuthi ngelinye ilanga sibuyele kuBaba wethu waseZulwini kubuhlobo bomndeni baphakade futhi ubusiswe ngezibusiso zasethempelini kanye namandla avela phezulu afanele inani lokuzinikela kwethu kanye nemizamo yethu konke.

Namuhla abaningi bethu akudingeki ukuthi sihlupheke noma sidlule ebunzimeni ukuze siye ethempelini. Amaphesenti angamashumi ayisishigalombili nesihlanu wangamalungu eBandla manje asehlala duzane ngamamayili angu 200 (320 km) ngasethempilini, futhi ikakhulukazi abaningi bethu ibanga lelo lifishane kakhulu.

Uma uke waya ethempelini wena ngokwakho futhi uhlala maduzane kakhulu nethempeli, ukuzinikela kwakho kungukubeka isikhathi empilweni yakho ematasatasa ukuba uvakashele ithempeli njalo. Kuningi okumele kwenziwe emathempelini ethu okumayelana nalabo abangasekho. Njengoba senzela bona umsebenzi, singakwazi ukufeza lokho abangakwazi ukuzenzela kona. uMongameli uJoseph F. Smith, kwisimemezelo esikhulu, wathi, “Ukuzimisela kwethu ngomsebenzi wabo amaketanga okuboshwa azakukhumuka kubo, futhi nobumnyama obubazungezile buzakusuka, ukuze ukukhanya kucwebezele kubona futhi bazakuzwa emhlabeni womoya ngomsebenzi oyenzwe ngabantwana babo lapha, futhi bazakujabula nani ekwenzeni kwenu lemisebenzi.”5 Bafowethu nodade, umsebenzi ngowethu ukuba siwenze.

Emndenini wami, ezinye eziningi zezehlakalo ezingcwele kanye neziyigugu zenzeke lapho sihlangene sonke ethempelini ukwenzela labo abangasekho izimiso zokuhlanganisa umndeni.

Uma ungakaze uye ethempelini noma wena uke waya kepha uvumelekile okwamanje ukungena, asikho isifiso kuwena esibaluleke ukwedlula ukusebenzela ukuba uvumeleke ukungena ethempelini. Ukuzinikela kwakho kungahle kulethe empilweni yakho ukulalela ukuthi yini efunekayo ukuthola incwadi ekunika imvume, mhlawumbe ungayekela lezo zinto ojwayele ukuzenza ezivimbela ukuvumeleka kwakho. Kungahle kube ukholo kanye nokukhokha okweshumi njalo. Noma kuyini, ekuvumela ukuba ungene ethempelini likaNkulunkulu. Thola incwadi ekunikaimvue yokungena ethempelini bese uyithatha njengento eyigugu kakhulu kuwe, ngokuba kunjalo.

Ngaphandle kokuba ungene endlini yeNkosi futhi uthole izibusiso zonke ezikulindele lapho, awukatholi konke iBandla elikunikeza kona. Izibusiso zonke ezibalulekile kanye nezithwesiwe zobulungu eBandleni yizibusiso esizitholayo emathempelini kaNkulunkulu.

Manje-ke, abangane bami abasebasha abakuleminyaka yenu yobusha, njalo ibani nethempeli enilibonayo. Ungenzi lutho oluzokuvimbela ukuba ungangeni eminyangweni kanye nokuthatha izibusiso ezingcwele futhi zaphakade. Ngiyanxusa kulabo benu abavele sebayile ethempelini njalo ukuyobhabhadisela labo asebashona, abavuka ekuseni kakhulu ukuze ube yingxenye yalokhu kubhabhadiswa ngaphambi kokuba isikole siqale. Ngingacabanga ukuthi akunandlela engcono yokuqala ukusuku.

Kinina bazali babantwana abancane make ngabelane nani mayelana neseluleko esihlakaniphileyo esivela kuMongameli uSpencer W. Kimball. Wathi: “Kungaba yinto enhle uma … abazali ikamelo nekamelo ezindlini zabo libe nesithombe sethempeli ukuze [abantwana babo] kusukela [bese] bancane babheke isithombe nsuku zonke [kuze] kube yingxenye ye [zimpilo zabo]. Uma [befika] eminyakeni lapho [bedinga] ukuba bathathe [isi] nqumo esibalulekile kakhulu [maqondana nokuya ethempelini], kuzobe sekwenzekile vele.”6

Izingane zethu ziyacula eKilasini lezingane:

Ngithanda ukuboba ithempeli.

Ngiyongena phakathi ngolunye usuku.

Ngizokwenza isivumelwano noBaba wami;

Ngiyethembisa ukuthi ngizolalela.7

Ngiyanincenga ukuba nifundise izingane zenu ngokubaluleka kwethempeli.

Umhlaba ungaba yindawo enesivivinyo futhi enzima ukuba siphile kuyo. Sizungezwe njalo ngalokho okuzosicekela phansi. Njengoba wena nami siya ezindlini ezingcwele zikaNkulunkulu, njengoba sikhumbula izivumelwano esizenzile ngaphakathi sizokwazi kakhulu ukubhekana nezimo futhi singqobe izilingo ngasinye. Kulendawo enomoya ongcwele sizothola ukuthula, sizovuseleka kabusha futhi siqinisekise.

Manje, bafowethu kanye nodade, make nginitshele ngethempeli elilodwa ngaphambi kokuba ngivale. Kungekudala kwiminyaka ezayo njengoba amathempeli amasha enziwa kahle emhlabeni wonke, elinye lizobakhona edolobheni elineminyaka engaphezulu kuka 2,500 eyadlulayo. Ngikhuluma ngethempeli namuhla elakhiwe eRome, Italy.

Ithempeli nethempeli liyindlu kaNkulunkulu, ligcwalisa umsebenzi ofanayo kanye nezibusiso ezifanayo kanye nezimiso. Ithempeli laseRome eItaly, ngokungavamile lakhiwe endaweni edume kakhulu kwezomlando emhlabeni, idolobha lapho abaPostoli bakudala uPeter noPawula bashumayela ivangeli likaKrestu nalapho futhi omunye nomuye wabo wabulawelwa khona.

Ngo Okthoba odlule, ngenkathi sihlanganyele endaweni yasemakhaya ekhoneni lasenyakatho nempumalanga neRome, kwakuyithuba lami lokuba nginikele ngomthandazo wokubusisa njengoba sasizilungiselele ukuhlakaza inhlabathi. Ngazizwa ngijabulile ukubiza umuntu omkhulu ePhalamende umTaliyane uLucio Malan kanye nesekela lika meya yaseRome uGiuseppe Ciardi ukuba abe ngomunye bokuqala ukuba aphendule umhlabathi ogcwele ihhalavu. Omunye ube yingxenye yesinqumo ukuvumela thina ukuba sakhe ithempeli edolobheni labo.

Losuku lwaluguqubele kepha kufudumele, noma-ke imvula yayifuna ukuphazamisa, akuzange kunethe itonsi noma amabili. Njengoba ikhwaya enhle icula ngesitaliyane ukudonsa okuhle kwe “Umoya ka Nkulunkulu,” ngezwa sengathi izulu nomhlaba kuhlangane ngeculo lendumiso lokubonga kanye nenjabulo kuNkulunkulu umnini mandla onke. Izinyembezi angikwazanga ukuzivimba.

Ngosuku olulandelayo, abakholwayo kuleli, dolobha Laphakade, bazothola imithetho nezimiso zaphakade endlini engcwele kaNkulunkulu.

Ngikhombisa uthando lwami olungapheliyo kuBaba wami waseZulwini ngethempeli elakhiwayo namuhla eRome futhi nakuwo wonke amathempeli noma kukuphi lapho ekhona. Omunye nomunye uyema njengokukhanya emhlabeni, njengenkomba yobufakazi bethu ukuthi uNkulunkulu, uBaba wethu Waphakade, uyaphila, futhi ufisa Yena ukusibusisa thina futhi, ngempela, ukubusisa amadodana kanye namadodakazi akhe nezizukulwane zonke. Eminye yamathempeli kuyinkomba yobufakazi bethu ukuthi impilo ngalena kwethuna ikhona ngempela futhi ngokuqinisekileyo njengezimpilo zethu lapha emhlabeni. Ngiyafakaza.

Bafowethu kanye nobodadewethu, make senze nanoma ngumnikelo onjani odingekayo ukuthi siye ethempelini ukuthi umoya wasethempelini ube nathi ezinhliziweni zethu kanye nasemakhaya ethu. Make silandele ezinyathelweni zeNkosi yethu noMsindisi, uJesu Krestu owenza umnikelo wokugcina kithina ukuthi sibe nokuphila okuphakade nokwenyukela kumbuso kaBaba wethu waseZulwini. Lokhu ngumthandazo wami wangempela, futhi nginikela wona egameni likaMsindisi wethu uJesu Krestu iNkosi, amen.

Amanothi

  1. Joseph F. Smith, KumbikoWenkomfa, Oct. 1902, 3.

  2. Bona uVilson Felipe Santiago kanye no Linda Ritchie Archibald, “Ukusukela eAmazon Basin ukuya eThempeleni,” Izindaba zeBandla, Mar. 13, 1993, 6.

  3. Bona C. Jay Larson, “Izikhathi zeThempeli: Izifiso Esinzima,” Izindaba Zebandla, Mar. 16, 1996, 16.

  4. uHeber C. Kimball, in Orson F. Whitney, Impilo kaHeber C. Kimball (1945), 67.

  5. Izifundiso zabaProfethi beBandla: Joseph F. Smith (1998), xiv, 21–22.

  6. Izifundiso zikaSpencer W. Kimball, ed. Edward L. Kimball (1982), 301.

  7. uJanice Kapp Perry, “Ngiyethanda Ukubona iThempeli,” Incwadi yamaculo Wezingane, 95.

Shicilela