Izingane
Ngingathola izimpendulo ngeNkomfa Kawonke wonke
uMongameli uUchtdorf usifundisa ukuthi uma ucabanga ngemibuzo eminye ngaphambi kwenkomfa kawonke wonke, iNkosi ingakhuluma nawe ngabaprofethi Bayo kanye nabapostoli ngesikhathi senkomfa.
-
Njengomndeni noma iklasi, xoxa ngalokho ofuna ukukufunda uwedwa noma nabanye. (Isibonelo: Ngingakhulisa kanjani ubufakazi bami? Ngingaxazulula kanjani nenkinga enginayo esikoleni?) Engxenyeni yephepha noma kwijenali yakho, bhala phansi imibuzo.
-
Emavikini angaphambili kwenkomfa, ungacabanga futhi uthandaze ngalemibuzo.
-
Lalela ngokuqaphela ngesikhathi senkomfa (kungakusiza ukuba ubhale phansi amanothi). Bese ubhala ukuthi iNkosi—ngokwabaholi bebandla—iphendula kanjani imibuzo.
-
Kwenye ingxenye yephepha, ungadweba isithombe sakho wenze lokho okufundile.