Ngo-2011
Ukufundisa kweSikhathi Sethu
Novemba 2011


Ukufundisa kweSikhathi Sethu

Izifundo ngeSonto lesine zobuPristi bukaMelkhezedikhi kanye Nenhlangano Yabesimame Yenkululeko izonikezelwa ku “Ukufundiswa kweSikhathi Sethu.” Isifundo ngasinye singalungiselelwa ukusukela enkulumeni eyodwa noma eziningi ezinikeziwe eduzane nje kwinkomfa kawonke wonke (bona ishathi elingezanzi) oMongameli beSiteki nabesifunda bangakhetha ukuthi kunini lapho bengasebenzisa izinkulumo noma bangakhetha ukunikeza obhishobhu kanye nabomongameli begatsha. Abaholi kumele bagcizelele ubungakho babafowethu bobuPristi buka Melkhezedikhi kanye nabodade Benhlango Yabesimame Yenkululeko ukuba bafunde izinkulumo ezifanayo ngamasonto afanayo.

Labo abeza ngeSonto lesine bakhuthazwa ukuba bafunde balethe ekilasini umshicilelo wephepha bhuku wamuva nje wenkomfa kawonke wonke.

Iziboniso uma Ulungiselela Isifundo esivela eZinkulumeni

Thandaza ukuthi uMoya Oyingcwele ube nawe ngenkathi ufunda futhi ufundisa (izi) nkulumo. Ungahle ulingeke ukulungiselela isifundo ngokusebenzisa ezinye izinto, kepha izinkulumo zenkomfa izifundo eziyinxenye yezimfundo ezikhethiwe ukuba zifundiswe. Umsebenzi wakho ukusiza abanye bafunde futhi baphile ivangeli njengoba lifundiswa kwinkomfa kawonke wonke yamanje yeBandla.

Bukisisa izinkulumo, ubheke imithetho kanye nemfundiso yobuKrestu leyo ehlangabezana nezidingo zamalungu ekilasini. Futhi funa izinganekwane, ubheke imiboniso esemibhalweni engcwele kanye nezimfundiso ezivela kwi (zi) nkulumo zekomfa ezizokusiza ukufundisa lamaqiniso.

Ketha indlela leyo ozokufundisa ngayo imithetho kanye nezimfundiso zobukrestu. Indlela oyikhethile ukufundisa ngayo kufanele ibe nemibuzo ezosiza amalungu:

  • Bheka imithetho kanye nezimfundiso zobukrestu (ezi) nkulumeni.

  • Cabanga ngokuthi kusho ukuthini.

  • Yabelana nokuzwakalayo, nemiqondo, izifundo, kanye nobufakazi.

  • Sebenzisa lemithetho kanye nemfundiso yobukrestu ezimpilweni zabo.

Izifundo Zasezinyangeni Ziyafundiswa

Izinto Zesifundo Lesonto-Lesine

uNovemba 2011–uApril 2012

Izinkulumo ezikhishwe ngoNovemba 2011 iLiahona*

uMeyi 2012–uOkthoba 2012

Izinkulumo ezikhishwe ngoMeyi 2012 iLiahona*

Shicilela