Ngo-2011
Ubalulekile Kuyena
Novemba 2011


Ubalulekile Kuyena

iNkosi isebenzisa isikali esihlukile kakhulu kunaleso somhlaba ukukala ukufaneleka komphefumulo.

uMose, omunye wabaprofethi abakhulu emhlabeni, wakhuliswa yindodakazi kaFaro waphila iminyanka engu 40 yempilo yakhe ezindongeni zombuso waseGibhithe. Wayeyazi inkazimulo kanye nobukhulu kombuso lowo wakudala.

Emva kweminyaka, phezu kwentaba , esukile ebuhleni kanye nobukhulu beGibhithe, uMose wema phambi kukaNkulunkulu wase ekhuluma Naye ngomlomo njengendoda ikhuluma nomngane wayo.1 Ngalesosikhathi sokuvakasha, uNkulunkulu wakhombisa uMose ukusebenza ngezandla, emnikeza kancane umsebenzi kanye nenkazimulo Yakhe. Emva kwesiboniso sesiphelile, uMose wawela phansi isikhathi esingamahora amaningi. Ngenkathi amandla akhe abuyela, wabona into leyo, eminyakeni yakhe asendaweni kaFaro, angazange ayibona ngaphambilini.

“Ngiyazi,” washo, “leyo ndoda ayilutho.”2

Sangaphansi Ukwedlula Okumele Sibe Yikona

Uma sifunda kakhulu ngomhlaba, siqonda kakhulu—okungenani kancane—lokho uMose ayekwazi. Umhlaba ubanzi kakhulu, awuqondakali, futhi unenkazimulo leyo engaqondakali enqondweni yomuntu. “Imihlaba engabaleki Ngiyidalile,” uNkulunkulu watshela uMose.3 Ubuhle bezulu ebusuku ubufakazi obuhle baleloqiniso.

Kukhona izinto ezimbalwa ezingenze ngaba novalo njengokundiza ebumnyameni ebusuku phezu kolwandle kanye namakhontinente ngibuka ngaphandle kwefasitela lebhanoyi inkazimulo yezinkanyezi ezingapheliyo ezingamamiliyoni.

Abafunda ngezinkanyezi bazamile ukubala izinkanyezi ezisemhlabeni. Abanye abafunda ngezinkayezi bacabangela ukuthi inombolo yalezinkanyezi ngebanga lamatheleskophi liphindaphindeka kayi 10 ukwedlula isehlabathi solwandle futhi nogwadule emhlabeni.4

Lesisiphetho siyafana nokwashiwo ngumprofethi wasemandulo uEnokhi: “Kungenzeka ukuba umuntu abale umhlabathi wasemhlabeni, yebo, umhlabathi ongamamiliyoni onjena, angeke kube isiqalo sesibalo sokudalwa kwabo.”5

Ngokubuka ubukhulu bendalo kaNkulunkulu, akumangalisi ukuthi iNkosi enkulu uBenjamini waluleka abantu bakhe “ukuba baqhubeke bakhumbule, ubukhulu bukaNkulunkulu, kanye nokungelutho kwabo.”6

Singaphansi Ukwedlula Okumele Sibe Yikona

Kepha futhi loyomuntu akayilutho, kuyamangalisa kakhulu futhi ngishaywa uvalo ukucababga ukuthi “ukulunga kwemiphefumulo kukhulu phambi kobuso bukaNkulunkulu.”7

Futhi ngesikhathi sibuka ubukhulu bobubanzi bomhlaba siphinde sithi, “Umuntu uyini uma eqhathaniswa nenkazimulo yendalo?” uNkulunkulu wathi siyisizathu Yena adale umhlaba! Umsebenzi wakhe kanye nenkazimulo—isizathu salomhlaba omkhulu—ukusindisa kanye nokuphakamisa wonke ongumuntu.8 Ngamanye amagama, ubukhulu bobubanzi bongunaphakade, izinkazimulo kanye nokungaziwa kwendawo kanye nesikhathi zakhiwe zonke ukuba zitholwe ngabaphila ngokwenyama njengawe nami. uBaba wethu waseZulwini wadala umhlaba ukuba sifinyelele emakhonweni ethu njengamadodana kanye namadodakazi Akhe.

Lokhu akuqondakali kumuntu: uma uqhathanisa noNkulunkulu, umuntu akayilutho; kepha siyonke into kuNkulunkulu. Ngesikhathi sendawo engapheliyo eyindalo singabukeka siyilutho, sinokukhanya kwempilo engunaphakade evuthayo phakathi kwezifuba zethu. Sinesithembiso esingaqondakaliyo sokunyuswa—umhlaba ongapheliyo—oseduzane nathi. Futhi kuyisifiso sikaNkulunkulu ukusisiza thina sifinyelele kuyo.

Ukuziqhenya Okuyisiphukuphu

Umkhohlisi omkhulu uyazi ukuthi ithulusi elisebenzayo ukuholela abantwana bakaNkulunkulu ekulahlekeni ukuletha ukudideka okukhulu kumuntu. Kwabanye, uvumelana ngokuziqhenya kwabo, abagqugquzele ukuba bakholelwe emaphusheni okubaluleka kwabo kanye nokunganqobeki kwabo. Uyabatshela ukuthi badlulile ngaphezulu kokujwayelekile futhi ngokuba banekhono, ilungelo lokuzalwa, noma isimo sokubanobudlelwane, bahlukile kwizinto ezijwayelekile ezisondelene nabo. Uyabahola ukuba bacabange ukuthi ngeke belalele umthetho womunye umuntu futhi abadingi kuhlushwa ngezinkinga zabanye abantu.

uAbrahamu Lincoln waziwa ngokuthi uthanda lenkondlo efundeka kanjena:

Oh yingani umphefumulo womuntu ophila ngokwenyama uziqhenya?

Njenge enjini endizayo, endiza ngesivinini emafini,

Ukukhanya kokubanika, ukuhlephuka kwesignali.

Umuntu udlula kulempilo ayophumula encwabeni.9

Abalandeli bakaJesu Krestu bayaqonda ukuthi makuqhathaniswa nengunaphakade, ukuphila kwethu ngokwenyama “kuyisikhashana esincane” emoyeni kanye nasesikhathini.10 Bayazi ukuthi ukubaluleka ngokweqiniso komuntu akwenzi lutho kunalokho umhlaba okuphethe ngaphezulu. Bayazi ukuba ungahlanganisa imali yonke yomhlaba kepha angeke ithenge isinkwa kwezomnotho ezulwini.

Kulabo “abazakuthola umbuso kaNkulunkulu”11 yilabo abaphenduka “izingane, bavume, bazithobe, nesineke, abagcwele uthando.”12 “Kuwowonke umuntu oziphakamisayo bazakubekwa phansi; loyo ozithobile uzakunyuswa.”13 Lezinceku ziyaqonda futhi “ukuthi uma usebenza ngokusiza abanye abantu usebenzela kuphela uNkulunkulu wakho.”14

Asikhohlwangwa

Enye yezindlela uSathane akhohlisana ngazo ukuceda amandla. Uzama ukusenza sibheke ezintweni zethu ezingabalulekanga kuze kufike lapho silahla khona ithemba lokuthi asifanelekanga. Usitshela ukuthi sibancane kakhulu ukuthi omunye umuntu angasinaka, ukuthi sikhohliwe—ikakhulukazi nguNkulunkulu.

Ake ngabelane nawe ngesifundo sami esingaba usizo kulabo abazizwa bengabalulekile, bekhohliwe, noma bebodwa.

Eminyakeni eminingi eyadlulayo ngathola ukuyofunda ngezokushayela ibhanoyi eUnited Air Force. Ngangikude kakhulu nekhaya lami, ngijoni elaliselisha laseNtshonalanga yeJalimani, lizalelwe e Czechoslovakia, ngakhulela eMpumalanga yeJalimani futhi kunzima nokukhuluma Isingisi. Ngikhumbula kahle kamhlophe ibanga lami lokuya endaweni yokulolongwa eTexas. Ngangisebhanoyini, ngihlezi eduzane nomgibeli owayekhuluma ulwimi oluqinile lwaseMzansi nezwe. Kwakulikhuni ukuqonda ngisho negama elinye ayelikhuluma. Ngacabanga ukuthi mhlawumbe ngafundiswa ulwimi olungelona olufanele sonke lesikhathi. Ngaba nomcabango okusaba ukuthi ngangizoqhudelana ukuthola indawo yokufundela ukushayela ibhanoyi kanye nabafundi abancele ulwimi lwesiNgisi.

Ngenkathi ngifika esikhululweni sezindiza eBig Spring, Texas, Ngafuna futhi ngathola igatsha Lebandla Labangcwele Bezinsuku zokugcina, elalinamalungu ambalwa behlanganyela emalumini ayeqhashiwe khona esikhululweni sezindiza. Amalungu wayeseqalile ukwakha indlu encane yokuhlanganyela leyo ezokuba yindawo engezukusuka yeBandla. Kulezo zinsuku zakudala amalungu wayesebenza ukwakha amabhilidi asemasha.

Usuku emva kolunye usuku ngaya esifundweni sami sokushayela ibhanoyi futhi ngafunda ngokuzimisela futhi ngachitha isikhathi sami ngisebenza endlini entsha yokuhlanganyela. Lapho engafunda khona ukuthi okubili kanye nokune akusiyona indlela yomdanso kepha ucezu lokhuni. Ngaphinde ngafunda indlela yokuphepha uma ugeja isithupha ngesikhathi ngikokotela isipikili.

Ngachitha isikhathi eside ngisebenza endlini yokuhlanganyela kwaze kwathi umongameli wegatsha—loyo owayengumfundisi wokundiza ngebhanoyi—wabonisa ukukhathazeka ngami ukuthi mhlawumbe kumele ngichithe isikhathi esiningi ngifunde izincwadi zami.

Abangane bami kanye nabafundi bokundiza ngebhanoyi nabo bazibandakanya nemisebenzi ngesikahthi sabo, noma ngicabanga ukuthi kuyiqiniso ukuthi ezinye zalemisebenzi angeke zambelane nalezi zanamuhla Ngamandla Wentsha iphamflethi. Engxenyeni yami, ngangijabulela ukuba ingxenye yaleligatsha laseTexas, ngisebenzisa ikhono lami lokwakha engilizuzileyo, ngiphakamisa izinga lami lokukhuluma Isingisi njengoba ngigcwalisa ibizo lami njengegosa lekhoramu futhi naseSikoleni sangeSonto.

Ngalesosikhathi, iBig Spring, ngaphandle nje kwegama layo, yayincane, ingabalulekanga, futhi ingaziwa. Futhi ngangihlala ngizizwa njalo nami—ngingabalulekanga, ngingaziwa, futhi ngingedwa. Nomakunjalo, angizange ngisho nakanye ngicabange ukuthi iNkosi ingilahlile noma ingakwazi ukungithola lapho. Ngangikwazi ukuthi kwakungabalulekanga kuBaba waseZulwini lapho ngangikhona, izinga lami lalikuphi maliqhathaniswa nelabanye ekilasini lami lokufundela ukundiza ngebhanoyi, noma ibizo lami eBandleni laliyini. Okwakubalulekile Kuye kwakuyikuthi ngenza konke okusemandleni ami, ukuthi inhliziyo yami yayisondelene Naye, nokuthi ngangizimisele ukusiza labo engisondelene nabo. Ngangikwazi ukuthi uma ngangenze okusemandleni ami, konke kuzalunga.

Futhi konke kwakulungile.15

Osekugcineni Uzakuba Ngowokuqala

iNkosi ayikhathalelanga ukuthi sichitha izinsuku zethu sisebenza ezindlini zobukhazikhazi noma ezindaweni ezihlala amahashi. Uyasazi ukuba sikuphi, noma izimo zethu ziphansi kangakanani. Uzakusebenzisa—ngendlela Yakhe kanye nenjongo engcwele Yakhe—kulabo abasondeza izinhliziyo zabo Kuye.

uNkulunkulu uyazi ukuthi eminye yemiphefumulo emikhulu ephile ngaphambilini yileyo engezukuvela kumarekhodi omlando. Babusisekile, imiphefumulo ezithobile elandela isibonelo soMsindisi futhi abachitha izinsuku zempilo zabo benza okulungile.16

Abanye abangabashadikazi, abazali bomngane wami, bayisibonelo kulomthetho kimina. Umnyeni wayesebenza enkampanini yokwenza insimbi eUtah. Ngesikhathi zesidlo sasemini wayekhipha izincwadi zenkolo noma imagazini yeBandla afunde. Ngenkathi izisebenzi ezinye zibona lokhu, zahlekisa ngaye futhi bephikisana naye ngenkolo yakhe. Ngenkathi bekwenza lokhu, wakhuluma nabo ngesihle kanye nokuzethemba. Azange avumele ukungahloniphi kwabo kumenza athukuthele noma acasuke.

Emva kweminyaka, omunye walaba owayekhuluma kakhulu ephikisa wagula kakhulu. Ngaphambi kokuba ashone, wacela ukuba lendoda eyayizithobile ikhulume emncwabeni wakhe—wenza kanjalo.

Lona owayeyilungu elikholiwe leBandla akazange abe nezinto eziphakamisa umuntu noma incebo, kepha imfundiso yakhe yadlulela kakhulu kuwowonke umuntu ekade emazi. Washona esehlakalweni sendawo yokusebenzela ngenkathi ethi usiza omunye asebenza naye owayesenkingeni eqhweni.

Ngaphambi kokuba unyaka uphele umfelokazi wakhe kwadingeka ukuba ahlinzwe inqondo, eyagcina imenze angasakwazi ukuhamba. Kepha abantu babethanda ukuchitha isikathi naye ngoba wayelalela. Wayekhumbula. Ekhathelele. Engakwazi ukubhala, wayezazi izinombolo zabantwana bakhe kanye nabazukulwane bakhe nge ngekhanda. Wayekhumbula ngesihle izinsuku zokuzalwa kanye nezinsuku ezimqoka.

Labo ababemvakashela babehamba bezizwa bengcono ngempilo kanye nangabo. Bezwa uthando lwakhe. Bayazi ukuthi uyabakhathalela. Wayengabalisi kepha echitha izinsuku zakhe ebusisa izimpilo zabanye. Omunye wabangane bakhe wathi lowesimame ungomunye wabantu abambalwa angazange ababone abayisibonelo sangeqiniso sothando kanye nempilo kaJesu Krestu.

Abashadikazi laba babezoba ngabokuqala abangasho ukuthi abazange babaluleke kakhulu lapha kulomhlaba. Kepha iNkosi isebenzisa isikali esihlukile kakhulu kunaleso somhlaba ukukala ukufaneleka komphefumulo. Uyabazi labashadikazi abanokholo; Uyabathanda. Izenzo zabo ziwubufakazi obuphilayo bokholo olunamandla Kuyena.

Ubalulekile Kuyena

Bafowethu kanye nodade abathandekayo, kungaba yiqiniso ukuthi umuntu akiyilutho mayeqhathaniswa nobukhulu bomhlaba. Ngesinye isikhathi singazizwa singabalulekanga, singabonakali, sisodwa, noma sikhohliwe. Kepha ukhumbule njalo—ubalulekile Kuyena! Uma unokungabaza ngalokho, cabanga ngalemithetho engcwele emine:

Okokuqala, uNkulunkulu uthanda labo abazithobileyo futhi abaphansi, ngokuba “bakhulu embusweni wezulu.17

Okwesibili, iNkosi inikeza “ivangeli [Lakhe] eliphelele ukuba lishumayelwe kulabo abanobuthakathaka futhi abalula kuwowonke umhlaba.18 Ukhethe “izinto ezilula zomhlaba [ukuze] zivele phambili futhi zishabalalise ezinkulu futhi nezinamandla”19 azenze zibenamahloni “lezinto ezinkulu.”20

Okwesithathu, noma yikuphi lapho ophila khona, noma isimo sakho siphansi kangakanani, umsebenzi wakho mncane kangakanani, amakhono akho anqunyelwe kangakanani, noma ukubukeka kwakho kunjani, noma ibizo lakho lungabukeka luncane kangakanani eBandleni kuwe, uyabonakala kubaBaba wakho waseZulwini. Uyakuthanda. Uyazi inhliziyo yakho ethobile kanye nezenzo zakho ezothando kanye nesihle. Mazihlangene, zibumba ubufakazi obuzohlala isikhathi eside bokuthembeka kanye nokholo lwakho.

Okwesine futhi okokugcina, ngicela uqonde ukuthi lokho okubonayo futhi okufundayo manje angeke kube njalo ingunaphakade. Angeke uzizwe uwedwa, udumele, unobuhlungu, noma uphele amandla ingunaphakade. Sinesithembiso sokholo sikaNkulunkulu ukuthi Angeke akhohlwe noma alahle labo abasondeza izinhliziyo zabo Kuyena.21 Iba nethemba kanye nokholo kulesosithembiso. Funda ukuthanda uBaba wakho waseZulwini futhi ube yinceku Yakhe ngezinkulumo kanye nezenzo.

Iba nethemba lokhuthi uma ubambelela, uthembele Kuyena, futhi uhlale unokholo ekugcineni imiyalelo, ngolunye usuku uzakubona ngokwakho izethembiso ezavezwa kuMpostoli uPawuli: “Iso alikaboni, nendlebe ayikezwa, awukangeni enhliziweni yomuntu, izinto lezo uNkulunkulu azilungiselele bona labo abathanda yena.”22

Bafowehu kanye nodade, umuntu onamandla kakhulu emhlabeni wonke uBaba owomphefumulo wakho. Uyakwazi wena. Uyakuthanda ngothando oluphelele.

uNkulunkulu akakuboni kuphele njengomuntu ophila ngokwenyama kulomhlaba okwesikhashana—Ukubona njengengane Yakhe. Ukubona njengomuntu onekhono futhi odalelwe ukuba ube yikona. Ufuna ukuba wazi ukuthi ubalulekile Kuyena.

Masikholwe, sithembe, futhi silungise izimpilo zethu ukuze siqonde ngokufaneleka kwethu iqiniso elingunaphakade. Masifaneleke ekutholeni izibusiso eziyigugu uBaba wethu waseZulwini azibekele thina kungumthandazo wami egameni leNdodana Yakhe, kanye noJesu Krestu, amen.

Shicilela