Ngo-2012
Ngiyambonga uThisha kaSonto’skole Wami
uJuni 2012


Intsha

Ngiyambonga uThisha kaSonto’skole Wami

Ikilasi Lami likaSonto’skole alizithobile njalo. Ngiyathanda ukulalela isifundo njalo ngeviki, kepha ngesinye isikhathi kubukeka sengathi abanye ekilasini lami abathandi. Esikhathini esiningi bakhuluma bebodwa noma badlala imidlalo yezinto ezisebenza ngogesi ngesikhathi uthisha ezama ukusifundisa. Ngeshwa, ngesinye isikhathi ngizithola ngikuleyo ngxenye yenkinga.

Kwelinye lamaviki sasimoshile kakhulu ukwedlula okujwayelekile, futhi ekupheleni kwekilasi, uthisha wethu wayegcwele izinyembezi ngoba wayengekho umuntu owayelalele isifundo sakhe. Ngenkathi siphuma ekilasini, Ngazizwa ngibuhlungu ngaye.

Ngesonto elilandelayo uthisha wami wachaza ukuthi uyewakhuleka kakhulu kuleloviki, efuna ukuholwa, futhi kwafika kuyena ukuthi udinga ukuba asibonise umdlalo webhayisikobhu weBandla. Wayeseqala ibhayisikobhu, eyayimayelana nempilo kaJesu Krestu futhi nemilingo ayenza Yena.

Ngesikhathi ngicabanga ngalelofilimu kulobobusuku, ngezwa into ehlukileyo. Masishane ngathola ukuthi ngangizwa uMoya ongcwele, kakhulu ukwedlula ngaphambilini. Masishane ngakhetha ukuthi ngangifuna ushintsho empilweni yami ukuba ngifane kakhudlwana noMsindisi, futhi ngabona lemfundiso eSikoleni sika Sonto’skole, lelosuku laqinisa ubufakazi bami kakhulu. Ngiyambonga uthisha kaSonto’skole wami futhi nakhokonke akwenzela ikilasi lethu njalo ngeviki.

Shicilela